UMNTWANA uThulani Zulu, oke waba ngumkhulumeli weSilo uMisuzulu kaZwelithini, usolwa ngokuxova, njengoba esebonakala nabantu abaziwa ngokungasifuni iSilo esisesihlalweni.
Ngemuva kokuputshuka kweVidiyo enoMntwana uThulani, uMntwana uBuzabazi, uMntwana uMbonise nabanye ebebehlezi nabo, kuqine izinsolo zokuthi usephumile eSilweni.
Isolezwe Ngempelasonto Online lithinte uMntwana u-Afrika wasoNkweni, okhulumela Isilo uMisuzulu ngale vidiyo ngenhloso yokuthola uvo lwehhovisi lweSilo.
Uthe kubuhlungu nje lokhu okwenzekayo, ikakhulu okwenziwa uMntwana uThulani. “Uhlangana kanjani nabantu abaziwayo ukuthi abasifuni Isilo. Khona lokhu akusimangazi ngoba uMntwana uThulani kuvela ukuthi wayebambe elikhulu iqhaza emhlanganweni owawuseMpangeni njengoba kuthiwa uyena owayefonela abantwana, ukuthi beze kulowo mhlangano.
Ethintwa uMntwana uThulani uthe, lento inzima kakhulu ngoba ngeke ukwazi ukubalekela abantu bakwenu.
Elandisa ngokumenze wahlangana nabanakwabo uthe, wayethole isimemo sokuthi eze emcimbini wokuzozwa iwayini. Nakhona into eyamenza waya kulo mcimbi owawuseGateway ngoLwesibili ukuthi, iwayini leli ababezolizwa laliqalwe nguMdlokombane.
“Empeleni nje angazi ngempela ukuthi lento isho ukuthini,” kubeka uMntwana uThulani.
Uthe uke wamenywa nanguMntwana uSimakade naye abanye abambiza ngeSilo waya.
Ebuzwa ukuthi usayemukela yini iNkosi uMisuzulu njengeSilo, uthe bona babengaseki yena siqu sakhe kodwa babe hambisana nento okwakumele yenzeke. “Ngisho noma kwakungomunye, sasizohambisana naye ngoba kuyinto efanele hhayi ngoba kunguyena.
Mayelana neqhaza alibamba emcimbini wamakhosi owawuseMpangeni, uthe laphaya kwakuyodingidwa udaba lweNgonyama Trust, kwabe sekuba nezinye izihloko nje.
Uphethe ngokuthi umngomo ophelele ukuthi iNkosi uMisuzulu uyena Isilo.