UKUDLA imishanguzo ethithibalisa igciwane lengculazi ligcine lingasabonakali egazini, kuyasiza ekutheni ohaqekile angabe esamthelela omunye umuntu ngalo, uma beya ocansini olungavikelekile.
UMasipala weTheku, izolo wethule umkhankaso wokukhuthaza abanegciwane lesandulela ngculazi ukuthi badle imishanguzo yokuthithibalisa igciwane, ukuze lingabe lisabonakala egazini. Bakholwa ukuthi lokho kunganqanda ukutheleleka kwabantu abasha. Umkhankaso ubizwa nge-U=U, okusho ukuthi Undetectable equals Untransmittable.
Inhloso yomkhankaso kamasipala wukulwa nokwenyuka kwesibalo sabahaqwa yigciwane.
IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe kubalulekile ukuthi abantu baqonde ukuthi ukudla umshanguzo kungenza umehluko ekutheni igciwane lingasabalali, yingakho umasipala usungule umkhankaso.
UKaunda uthe bayazi ukuthi abantu abaningi abasebenzi okwenza ukuthi kube nzima ukuthi badle kahle imishanguzo yabo. Wathi yingakho benze isiqiniseko sokuthi kufakwe uhlelo lokuphakelwa kwabantu emawadini awu-18, angenalo uhlelo lokuphakelwa kwabantu, ukuze iziguli zidle imishanguzo yazo.
Uqhube wathi okunye umasipala akugqugquzelayo wukuthi amadoda aye emitholampilo ayobheka impilo yawo, angathembeli ekutheni azobona imiphumela ebuya nomama.
"Sinohlelo lwamadoda agqugquzelanayo olusebenza emawadini enza imikhankaso ehlukene ekhuthaza amadoda aye emitholampilo ayozihlola. Nge-U=U asiqondile ukuthi abantu sekumele bayeke ukusebenzisa ijazi lomkhwenyana.
“Uhlelo i-ABC okungukuzithiba, ukuba nomaqondana oyedwa nokusebenzisa ikhondomu lusasebenza ngoba kukhona okumele bazithibe. Abanye bazosinda ngokuthi babe nomaqondana oyedwa kanjalo nokusetshenziswa kwekhondomu. Yingakho siwumasipala sikweseka ukuhlolwa kwezintombi ukuze zikwazi ukuzigcina,“ kuchaza uKaunda.
Uthe kunengqwaba yezingane okutholakale ukuthi zineHIV kodwa ezingakayiqali imishanguzo, wathi lokho kuzibeka engozini.
UDkt Thembisile Xulu, woMkhandlu weNgculazi kuleli, iSouth African National Aids Council ( SANAC), uthe lubalulekile uhlelo ngoba iNingizimu Afrika, ingelinye lamazwe azinikele ekuqedeni iHIV ngo-2030.
"Lo mkhankaso kumele uqiniswe kakhulu kubantu abasha ngokuthi wenziwe ezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu abasha bathanda ukuhlala ezinkundleni zokuxhumana," kusho uDkt Xulu.
UNksz Zonke Ndlovu, ongomunye wabamele izinhlangano ezinezinhlelo zeHIV eThekwini, uthe umkhankaso ufike ngesikhathi esihle lapho izinhlangano zomphakathi zikhuthaza abantu abaneHIV bangazenyezi, ukuze bakwazi ukunqanda ukusabalala kwegciwane.
"Lokho kuzokwenzeka uma abanegciwane bengasesabi ukuvela ngoba bazokwazi ukuvikela abanye ngokuthi bathi ‘yebo, thina sinalo igciwane kodwa lizogcina kimi omunye ngeke esalithola’. Okunye esikwenzayo ukuvuselela izigcawu zokwesekana kwabanegciwane, ama-support group, ukuze abanegciwane bangaphathwa ukhwantalala ngoba bengazi ukuthi bazoxoxa nobani," kuchaza uNksz Ndlovu.