PHAMBILINI intombazane ibikhuliswa ngendlela yokuthi ifunde imisebenzi yasekhaya ukuze ingabi nenkinga uma isiganile noma isikhulile.
Kubukeka sengathi lokho akusenzeki kuwo wonke amakhaya njengoba abanye omakoti bakhule behlala emadolobheni kodwa uma sebegana baganele emakhaya.
UNksz Londiwe Lolo Shezi naye okhule edolobheni, uthi ukusebenza nomakoti abafika kuye bezoqasha imvunulo kumenze wabona ukuthi kunomakoti abangazi ukuthi ezinye izinto eziwumgogodla wesintu zenziwa kanjani. Uthe ukugaya utshwala, ukuchutha inkukhu uyilungise bese uyayipheka, ukupheka isigwaqane, ukutheza, abanye abakwazi okuyizinto ezindaweni zasemakhaya ezisenziwa. Uthe lokhu kumenze ukuthi aqale isigcawu sokwabelana ngolwazi esaziwa ngeMakoti Bootcamp ngo-2020.
"Ngabuka ukuthi nami ezinye zalezi zinto angizazi, kakhulukazi ukugaya utshwala ngoba umama bekungeyona into ayenzayo naye ekhaya. Ngazibuza ukuthi bangaki abanye omakoti kumbe abantu besifazane abangakwazi. Ngase ngizitshela ukuthi ngizokwenza isigcawu lapho kuzofika khona abantu abangeke bakwahlulele ngokungakwazi kwakho ukwenza lezi zinto kodwa nabo abazobe belangazelele ukufunda ukuze kugcineke izinto eziwumgogodla wesintu. Uma singakwazi ukugaya utshwala izingane zethu zona zizofundiswa ngubani?" kusho yena.
Uthe ngo-2020 wagxekwa kuthiwa ucindezela abantu besifazane ubabuyisela emuva.
"Lesi sigcawu kimina siyibhizinisi. Ibhizinisi linabantu abalidingayo. Akuwona wonke umuntu olidingayo. Angikulahlanga okwakushiwo yizishoshovu zabesifazane ukuthi kumele sithuthukisane, kungabi nje yinto yokuthi kuthezwe, kuphekwe. Yingakho kulo nyaka ngifake ukwelulekwa ngezifo ezithinta ingqondo, ezintweni esabelana ulwazi ngazo nesigaba sokuzijabulisa ngokuhamba ezintabeni," kusho uNksz Shezi.
UNkk Nqobile uMaZwane Khumalo (32), waseKukhanyeni, ngaseVerulam, uthe yena kumsizile ukuba yingxenye yomakoti abahlangene kulesi sigcawu.
"Mina ngikhule emakhaya kodwa angikwazi ukugaya utshwala ngoba ekhaya bekuhlale kunamathwasa abenza yonke imisebenzi. Ngibone sengiganile ukuthi kukhona okushodayo kimi. Njengoba bengihlangene nabanye omakoti angizange ngizizwe sengathi angiphelele ngoba kunokuthile engingakwazi, besesekana, sifundisana nangezindlela ezilula zokwenza izinto njengoba sishadile noma singashadile ngoba abanye banemizi yabo kodwa abashadile," kusho uNkk Khumalo.
Uthe uninazala uyazi ukuthi ubehlanganyele nabanye omakoti futhi ukujabulele ukuya kwakhe esigcawini sokucobelelana ngolwazi.
UNksz Queen Sibiya waseMbo oyingoduso, uthe kuyamangaza ukuthi into encane efana nokubasa umlilo baningi abantu abangakwazi ukuyenza.
"Izinto zinendlela ezenziwa ngayo. Yilokho ebesiyokufunda. Emakhaya kuhlale kunabantu abazenzayo izinto ezithile. Laphaya sithole ithuba lokufunda kahle. Baningi abebebesigxeka ezinkundleni zokuxhumana, bethi asikho isidingo sokufunda lezi zinto ebesiyozifunda ngoba ungakwazi ukuzithenga. Thina asifuni ukuthi uma kwenzeka kuba nesimo esidinga ukuthi uzenzele bese ulokhu ubamba uyeka," kusho uNksz Sibiya.