UKUKHULUPHALA ngokweqile okubhebhezelwa ukudla okunoshukela namafutha amaningi nokungawunyakazisi umzimba kungaholela ekutheni kuvuvukale indlala yesinye emadodeni.
Lesi sifo esaziwa nge-Benign Prostatic Hyperplasia (BPH) sichazwa ngabezempilo njengesiyingozi enkulu kwabesilisa.
UMnuz Ryan Snodgrass, wePharma Dynamics, uthe iBPH ivame kakhulu kwabesilisa asebethe ukuqina.
Uthe isisindo somzimba esikhulu sinomthelela ekutheni umzimba ukhiqize amahomoni athile kakhulu, ukuvuvukala nokuphazamiseka kokugayeka kokudla okudala ukuvuvukala kwendlala yesinye nezinye izifo okungaba isifo sikashukela nezinye.
Uqhube wathi uma amadoda ekhula indlala yesinye engaphansi kwesinye, ezungeze umgudu womchamo, kuyenzeka inwebeke.Lokhu kudalwa i-BPH, okungaphazamisa umgudu womchamo ngokuthi umchamo ungaphumi kahle, i- Urinary Tract Symptoms (UTS).
"Ubufakazi obukhona buveza ukuthi ukucindezeleka kwengqondo kungaba yimbangela ye-BPH. Ukucindezeleka kwengqondo okungapheli kungadala uchungechunge lwezinkinga zokukhiqizeka kwamahomoni emzimbeni, okukhuthaza ukuvuvukala kwendlala yesinye. Kuvame ukuholela ezindleleni zokubhekana nesimo ezingenampilo, ezifana nokudla ngokweqile noma ukuphuza utshwala ngokweqile," kusho yena.
Inhlangano ebhekele izifo ezithinta umgudu womchamo, i-Urology Care Foundation, ilinganisela ukuthi ingxenye yamadoda aphakathi kweminyaka engu-51-60 ine-BPH. U-90% wamadoda aneminyaka engaphezu kuka-80 unendlala yesinye enwebekile.
“ Lezi zibalo zisitshela ukuthi kunesidingo sokuthi kube nokuqonda okujulile ngezinto ezinomthelela ekutheni inwebeke,” kusho uSnodgrass.
Uthe ukwehlisa amathuba okuthi uhlaselwe i-BPH kudinga ukushintsha impilo ngezindlela eziningi, ezihlanganisa ukushintsha indlela odla ngayo, indlela yokuphila nokwelapha izifo eziyimixhantela.
Kungasiza ukugxila ekudleni ukudla okuyizitshalo, amaprotheni namafutha anempilo, ukunciphisa ukudla okugayiwe neziphuzo ezinoshukela.