UKUDLA okudlayo kungaba nomthelela ekutheni izinwele zakho ziqothuke.
Ongoti bokunakekelwa kwesikhumba bathi ukudla umuntu akudlayo kunomthelela wokulimala noma ukuphila kwesikhumba nezinwele.
Izicoficofi okuwukudla okunoshukela omningi, okunamafutha, iziphuzo ezihlwahlwazayo notshwala, ongoti bokunakekelwa kwesikhumba bathi zingadala ukuthi isikhumba some, izinwele ziqothuke noma ziphuke.
UNksz Nobuhle Nzama, ongumsunguli wemikhiqizo eqeda injibs, iNjibs Hlumisa African Products, uthe ukudla akudlelwa ukuthi umuntu asuthe kuphela kodwa kuyelapha.
"Muva-nje kunokudla okunemisoco ethile abantu abangasakudli, okwenza ukuthi umzimba usebenze kahle. Ngenxa yokushintsha kwempilo abantu abadla kakhulu ukudla okuchochobaliswe emafutheni, okufana namazambane athosiwe, ama-burger, amabhisikidi anoshukela, iziphuzo ezinoshukela omningi notshwala.
“Angisho ukuthi lokhu kudla akumele ukudle kodwa kumele ungakudli kakhulu. Kumele udle nokunye ukudla okunikeza isikhumba umsoco. Uma usudla kakhulu izicoficofi, umzimba uyasho ukuthi kukhona ongasakwenzanga bese ukhombisa ngokuthi isikhumba noma izinwele ziqothuke," kusho yena.
Uthe imikhiqizo yokugcoba eqeda injibs nokuqothuka kwezinwele yakhiwe ngezithako eziwukudla okumele ngabe umuntu uyakudla.
" Uma ungasakudlanga kuye kudingeke ugcobe izikhumba sondleke ukuze izinwele zingaqothuki noma zingomi ngokwedlulele," kusho yena.
UDkt Kashmal Kalan, owuchwepheshe wokufakelwa izinwele, uthe imikhuba emihle yokunakekelwa kwezinwele ibalulekile ekunakekeleni isikhumba sakho sekhanda ukunikeza izinwele zakho amandla.
“Izinga elithile lokuvikela lingenza umehluko omkhulu ekugcineni izinwele ziphilile, yingakho kubalulekile ukwenza inqubo efanele yokunakekela izinwele kusukela usemncane, ngendlela efanayo onakekela ngayo isikhumba noma amazinyo akho.
“Eqinisweni, ukunakekelwa kwezinwele kubaluleke kakhulu uma usemncane noma usukhulile. Imikhuba emihle yokunakekelwa kwezinwele kusukela ekuqaleni kubeke isisekelo esihle," kusho uDkt Kalan.
Uqhube wathi uma ususesimeni sokuthi izinwele zakho ziqothukile kunezinqubo ezahlukahlukene zesimanje, ezingenabuhlungu ezitholakalayo ezisiza abantu ukuthi balawule noma banqobe ukuqothuka kwezinwele futhi babuyise izinwele ezibukeka njengokwemvelo.
"Akekho okufanele abhekane nomthwalo wokulahlekelwa yizinwele," kusho yena
Uthe ukuze izinwele zakho zihlale zisesimeni, zama ukulandela amathiphu alandelayo:
"Ukudla okudlayo kuyohlale kunomthelela emzimbeni wakho hhayi esikhumbeni sakho kuphela kodwa nasezinweleni. Ukudla ukudla okunothe ngamavithamini, amaminerali namaprotheni, njengezithelo, imifino, nokusanhlamvu, kwenza izinwele eziqinile nezicwebezelayo. Ukoma kwesikhumba kumele ukunake, ngakho qiniseka ukuthi uphuza amanzi anele nsuku zonke," kusho uDkt Kalan.
Uthe ukugeza ikhanda nezinwele kubalulekile.
"Geza izinwele zakho ngama-shampoo nama-conditioner angenayo i-sulphate. Ezinye izithako zingaholela ekutheni izinwele zakho ziqothuke zomise namafutha emvelo esikhumba okungadala umonakalo ngokuhamba kwesikhathi.
“Gwema ukugeza izinwele ngokweqile, njengoba lokhu kungaholela ekomeni kwesikhumba nokuphuka kwezinwele," kusho uKalan.
Uqhube wathi ezinye izitayela ezelukwe ngezinwele okungezona ezakho okubalwa ama-braids zidonsa izinwele okuholela ekuqothukeni.
Ukugqoka isigqoko sokubhukuda uma ubhukuda kubalulekile ukuze uvikele izinwele ekutheni zilinyazwe ngamakhemikhali okungaba yizinsalela ze-chlorine, usawoti nokunye ukungcola okutholakala emanzini.