KUGQUGQUZELWE abahlukumezekayo ukuthi bangasabi ukuvula amacala ngokuhlukunyezwa kwabo ngoba umthetho obhekele udlame iDomestic Violence Act usuchitshiyelwe kabusha.
ICommission for Gender Equality (CGE) ikhumbuze abantu ukuthi umthetho iDomestic Violence Act uzonika abesifazane nabo bonke abagilwa amandla. Lo mthetho uye wachitshiyelwa ngo-Ephreli ngonyaka odlule kanti awusagxili kuphela odlameni olubhekiswe kwabesifazane nezingane olwenzeka emakhaya kodwa usubheka nezinhlobo ezehlukene zokuhlukumezeka.
Phambilini abesifazane bebesaba ukubika ngokuhlukumezeka kwabo uma bebona ukuthi kusenzeke izigameko ezincane. Njengamanje bayagqugquzelwa ukuthi babike ngokuhlukumezeka kwabo noma ngabe kuncane kangakanani.
UMnuz Javu Baloyi obhekele ezokuxhumana kwiCGE, uthe akekho umuntu okufanele asabe ukuyobika emaphoyiseni ngokuhlukumezeka kwakhe ngoba ukuchitshiyelwa kweDomestic Violence Act kuzobalekelela abagilwa ukuthi baphumele obala.
Uveze ukuthi lo mthetho usubhekela ukuhlukunyezwa kwabadala, ukuhlukumeza umuntu ngokomoya, ngokwenkolo, ukumphoqa ukuba enze okuthile, ukumlawula, ukumenza abuke udlame, ukumhlukumeza ekhaya, wukushaya, ukugqekeza emzini womgilwa nokuya ngenkani emsebenzini womgilwa.
“Konke lokhu sekuyicala, umgilwa azokwazi ukulibika emaphoyiseni. Lo mthetho ukubeka kucace ukuthi izigameko zokuhlukumezeka akufanele ziphindwe kaningi noma zibeke impilo yomuntu engcupheni ngaphambi kokuthi zibikwe emaphoyiseni. Abantu sebeyakwazi nokufaka isicelo se-protection order bengayanga enkantolo besebenzisa amakhompyutha,” kusho uBaloyi.
Abantu bangabika izigameko zokuhlukumezeka emaphoyiseni nezokuhlukunyezwa ngenxa yobulili babo kwi-CGE ngokungena ku-cge.org.za