Kusemqoka ukuthola ulwazi ngobungozi obudalwa wukopha okungajwayelekile uma ukhulelwe, futhi okuqhubeka ngokweqile noma usubelethile.
Lesi yiseluleko sikadokotela obelethisayo eNetcare Kingsway Hospital, uDkt Mzuvele Hlabisa, wathi yize kujwayelekile ukuthi owesifazane aqhubeke nokopha ngisho sekudlule izinyanga ezintathu emva kokubeletha kodwa kusemqoka ukwazi ngezizathu zalokho.
“Nakuba okunye ukopha emva kokubeletha kujwayelekile kodwa uma sekwenzeka ngokweqile kungaba yizinkomba zengozi. Akuhlale kulula kumuntu wesifazane ukuthola ngokwakhe ukuthi ukopha ngokujywalekile noma cha. Yingakho kumele ahlole kwabezempilo ukuze ube nesiqiniseko,” kweluleka uDkt Hlabisa.
Uthe balinganiselwa ku-35% abantu abesifazane ababa nenkinga yokopha ezinyangeni ezintathu zokuqala zokukhulelwa, okuthi ngokuqhubeka kwesikhathi kwehle.
UDkt Hlabisa uxwayise ngokuthi ukopha ngokweqile kungaba yizinkomba zokuthi kungenzeka isisu osithwele, sichitheke.
“Ukopha okuba nezinhlungu ezinzima kungaba yizinkomba zalokhu esikubiza nge-placentral abruption, okusho ukuthi kunenkinga yokuthi inkaba yomntwana isheshe yaphuma esibelethweni kungakabi yisikhathi esifanele. Leso simo sidinga uphuthume kwabezempilo ukuze usizakale,” kucebisa uHlabisa.
Uxwayise ngokuthi uma owesifazane eqhubeka opha kakhulu kusho ukuthi angase abe engozini uma ukopha kwakhe kuba buhlungu, ikakhulu ngemuva emhlane naseqolo.
Uthe: “Abesifazane kungenzeka futhi baphathwe yikhanda, baphelelwe ngamandla ngenxa yalokhu kopha. Lezo ngezinye zezimpawu zokuthi ulengela engozini, okudinga ukuthi uthole usizo ngokushesha kungaze konakale kakhulu.”
UDkt Hlabisa uthe kujwayelekile futhi akunabungozi ukuthi owesifazane ophe futhi aphathwe ngamajaqamba emavikini ayisithupha okuqala emva kokubeletha ngoba isibeletho sisuke sibuyela kusayizi waso ojwayelekile.
“Kodwa uma ukopha kwakho sekwenza uphathwe yikhanda, ungabi namdlandla futhi uphelelwe ngamandla, kusho ukuthi kukhona inkinga. Uma ungenasiqiniseko sokuthi inkinga obhekene nayo idalwa yini, xhumana nodokotela noma uthole usizo lwezempilo ngokushesha ukuze usizakale,” kuphetha yena.