UFUNA kwande intsha engena emkhakheni weSayensi uTankiso Moso oyi-Electronics Engineer esiqhingini socwaningo iMarion Island eseNingizimu Afrika.
UTankiso (31) wase-Turton, eMthwalume uveze ukuthi waphothula u-matric eMthwalume High School, wadlulela eDurban University of Technology lapho enza khona izifundo ze-Electricial Engineering (light current) wathola ithuba lokuyofundela umsebenzi eSouth African Radio Astronomy Observatory (Sarao) ebiyaziwa ngele-Square Kilometre Array (Ska). Wabe esethola i-national diploma khona eDUT.
Emuva kwalokho uthe iSarao yamxhasa ukuba enze iziqu zakhe zeBachelor of Technology lapho ayegxile kwi-telecommunication, radio frequency ne-microwave engineering. Wadlulela kwiBSc Honours yePhysics ayexhaswe kuyona yi-National Astrophysics and Space Science Programme (NASSP) yona wayenza eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Wakha isiteshi sikagesi welanga osiza iMarion Island. Wadlulela kwiziqu zeMaster of Science kwi-Applied Mathematics aziphasa ngamalengiso (cum laude). Nalapha wayegxile kwizinsizakusebenza zaseMarion Island.
Uthe iziqu azitholile ziwubufakazi bokuthi uwusosayensi olangazelela ulwazi futhi uyafisa ukuthi namanye amantombazane angene kulo mkhakha.
“ISayensi yisifundo esimnandi esiza nezisombululo ezinkingeni eziningi zempilo. Iziqu zami zingivulele iminyango engisize ukunciphisa igebe eliphakathi kweSayensi nobunjiniyela. Ngo-2019 ngiye ngahlonishwa ngomklomelo weWomen in Science wuMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe,” kusho uTankiso.
Uthe umsebenzi awenzile wamvulela ithuba lokuqashwa yiSouth African Radio Astronomy Observatory kusukela ngo-2021 lapho esebenze khona unyaka owodwa, wase edlulela kwiSouth African National Space Agency (Sansa) lapho asebenza khona njenge-electorics engineer eMarion Island, wagcina eseyi-Antarctic electronics engineer.
Umsebenzi wakhe wukuthi ahambele izikhungo zocwaningo eziseziqhingini lapho esuke eyofaka ubuchwepheshe obudingwa wososayensi abacwaninga nge-ionosphere (okuwucwaningo olubheka okwenzeka ngale kwamafu), okubalwa umnyakazo welanga, ukuxhumana kwama-satelite isimo somhlaba nokunye.
Uveze ukuthi kuzo zonke iziteshi zocwaningo bafaka ubuchwepheshe obuzosiza ukuthola lolu lwazi babuye balungise lezo zinsiza kusebenza ukuze zikwazi ukuqoqa ulwazi olufanele.
Uma sekuqoqwe ulwazi luthunyelwa kososayensi abalusebenzisa emikhakheni ehlukene.
Useke wahlala eMarion Island kodwa uyavakasha naseGough Island uma ethola isikhathi sokuphumula njengamanje usesikhungweni socwaningo iSouth African National Antarctic Expedition IV (SANAE IV).
Uthe ososayensi abahambela iziqhingi zocwaningo bahamba ngomkhumbi iS.A Agulhas II ngoba yiwona onamandla okuhamba olwandle olunamaqhwa ngendlela ephephile.
Ngonyaka kunamathimba amathathu ahlala eziteshini zocwaningo ezehlukene okuyi-Marion Island, Gough Island neSouth African National Antarctic Expedition IV (SANAE IV).
IS.A Agulhas II ihambela lezi ziqhingi ihambise amathimba azoshintsha lawo akade esebenza ngoba abantu bahlala okungenani izinyanga eziwu-15 bese kungena elinye ithimba.
Abanye abahlali isikhathi eside bafika isikhathi esincane babuyele emuva nomkhumbi.
Ugqugquzele intsha ukuthi ifunde nge-South African National Antarctic Programme (SANAP) ngoba wuhlelo olunamathuba amaningi.
Ubalule ukuthi njengoba ehleli eSANAE IV uzoze ahambe ngoDisemba ngoba kuzobe sekufika elinye ithimba elizobashintsha.
Uthe uma behamba bathenga izimonyo nokunye okuzokwenza ukuthi bahlale banethezeke ngoba azikho izipaza noma izitolo.
Uveze ukuthi iS.A. Agulhas iphatha ukudla okuhlala unyaka wonke futhi iphatha nempahla yokugqoka elungele ukuhlala endaweni eneqhwa.
Phakathi kwezinto azifundile ngokuhambela lezi ziteshi wukuzimela nokuthi indawo asebenzela kuyona ingaba yikhaya nendawo yokuchitha isizungu njengoba ehlala kuyo njalo.
Uthe i-Antarctic Legacy of South Africa (ALSA) inamakhasi ezinkundleni zokuxhumana lapho abantu bengafunda ngezinhlelo zayo ku-Instagram, Facebook nakuTwitter.
Uphethe ngokuthi uyathemba ukuthi amantombazane azofunda endabeni yakhe angene emkhakheni weSayensi.