UKUFIKA kwesigaba sokuthi owesifazane angabe esaya ezinsukwini zakhe ngenxa yokukhula kwabanye kuba yinkinga ngenxa yokushintsha kwamahomoni enza ukuthi kushintshe umzimba. Abanye baba nenhliziyo encane bashiselwe.
Yize ukufika kwalesi sikhathi kuyindalo futhi kusuke kwaziwa kuthi kuzokwenzeka uma owesifazane eseneminyaka ephakathi kuka-45 no-55 kwabanye ukufika kwaso kudala ukuthi kube muncu ebudlelwaneni, kubantu abasondelene nabo kwesinye isikhathi nasemsebenzini.
Abantu besilisa kuyenzeka ukuthi bangaqondi ukuthi ngenxa yokushintsha kokusebenza kwamahomoni umuntu wesifazane osekulesi sigaba akabe esaba nemizwa efanayo yocansi futhi unokusheshe ahluthuke ekade engeyena umuntu onjalo.
Udokotela wezifo zabesifazane, uSolwazi Tshidi Sebitloane, uthe abesifazane kufanele baqaphele uma sebefike kulesi sikhathi ngoba kuningi okwenzekayo empilweni yabo kakhulukazi ushintsho olwenzeka esithweni sabo sangasese.
Uthe kwabanye kuyenzeka ngemuva konyaka bengasayi esikhathini baqale phansi baye.
"Kwesinye isikhathi lokho kungachaza ukuthi lowo muntu wesifazane onalezo zimpawu unomdlavuza wesibeletho. Ukufika kwesigaba sokuyeka ukuya esikhathini kumuntu wesifazane kusuke kusho ukuthi isikhathi sokuthi ngeke esaba nezingane," kusho yena.
Uthe ngokujwayelekile umuntu wesifazane angangena kulesi sigaba eneminyaka engu-45 kuya kwengu-55 kodwa abaningi bangena kuso beneminyaka engu-52 okusho ukuthi iminyaka engu-55 ifika sebeyekile ukuya esikhathini.
"Uphawu olujwayelekile oluyinkomba yokuthi owesifazane usesesigabeni sokuthi ngeke esaba nayo ingane ukuthi kunqamuke ukuya esikhathini kodwa ziningi ezinye izimpawu ezisuke zikhona noma ezihambisana nakho," kusho uSolwazi Sebitloane.
“Kuyenzeka owesifazane aficwe isigaba sokunqamuka ukuya esikhathini ngaphambi kwesikhathi esilindelekile, okungaba ngaphambi kokuthi abe neminyaka engu-40 okukhathazayo, ngoba lesi sigaba sihambisana nokuthi amahomoni angabe esasebenza ngendlela abesebenza ngayo. Ukunqamuka ukuya esikhathi uneminyaka ephakathi kuka-45 kuya ku-55 kusuke sekufike isikhathi sokuthi umzimba ushintshe indlela osebenza ngayo kodwa siyakhathazeka uma uzothi sesifikile leso sigaba, ngemuva konyaka owesifazane abuye abuyele aye esikhathini futhi ngoba kusho ukuthi kukhona okushaya amanzi. Sekumele ukuthi ahlolwe ukuthi akukho yini okuyinkinga," kusho uSolwazi Sebitloane.
Uthe ngokujwayelekile uma owesifazane ethe esengene esigabeni sokuthi ayeke ukuya esikhathi abuye aqale phansi futhi, usuke enomdlavuza.
"Ukufika kwesigaba sokunqamuka kokuya esikhathini kuhambisana nokuncipha kokuqina kwamathambo kumuntu wesifazane okuvamise ukuthinta umgogodla, ubone umuntu wesifazane engasahambi aqonde,"
" Uma uzizwa ukuthi awukwazi ukubekelela izimpawu kubalulekile ukuthi uthole usizo kodokotela. Odokotela bakunika amaphilisi noma imithi engamahomoni ukuze kubuyele lawo mahomoni abese yeke ukusebenza," kusho uSebitloane.
USolwazi Sebitloane ubeluleka abesifazane ngalesi sigaba ngaphansi kohlelo loMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal lokufundisa umphakathi ngezifo ezehlukene.
Ungqongqoshe walo mnyango uNksz Nomagugu Simelane, uthe okufanele abantu besifazane bakwazi ngukuthi lukhona usizo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.