NJENGOBA sekusondele ukugujwa koSuku loBaba, iningi lezingane, omama bayabheka ezitolo izinto abangazithenga ukuze bajabulise obaba ngalolu suku.
Yize kuye kuthiwe isipho yisipho, obaba bathi kunezipho abangasazithandi ngoba njalo uma kuyilolu suku banikezwa zona.
Obaba abaningi bathi sebekhathele ukuthengelwa amasokisi, amavesti, izingubo zangaphansi nezokulala.
UMnuz Siyanda Ntenga ongusomabhizinisi, uthe akasithandi isipho esiyinto ebambekayo into ayithandayo wukuthi akhishwe ahambe nomndeni wakhe babe nesikhathi sokuba ndawonye ngoba uhlale ematasatasa.
"Isikhathi sokuba nomndeni yinto ebaluleke kakhulu. Mina ngingasijabulela kakhulu leso sipho. Uma sesiphumile ngingafisa nokuthi amafoni acishwe ukuze sikwazi ukuba ndawonye ngokuphelele. Sixoxe ngokuthi yini esiyenza kahle yini esingayenzi kahle nokuthi singalugisa kuphi," kusho yena.
Uthe nakuba isipho kuyisipho kodwa amasokisi nothayi ngeke akujabulele uma ekuthola kulo nyaka.
"Sesikhathele wothayi namasokisi bakithi, sicela ezinye izinhlobo zezipho," ehleka.
UDkt Bongani Nxumalo, uthe isipho asizonda kunazo zonke yizimbali, kuyena kuvele kube sengathi kuthiwa uyagula kanti akuthandi ukugula nanokuthi yena ubona izimbali njengento okumele inikezwe umuntu wesifazane.
"Izingubo zangaphansi namasokisi okuyimibala engagqamile angikuthandi, angazi ukuthi senginokungaki. Esikhundleni sembali ungangipha isitshalo, into ekhulayo okuzomele ngiyinakekele.
“Isipho engisithanda kakhulu yithuluzi ngoba yinto engizoyigcina ingenze ngizizwe ngiyindoda ngoba ayikho indoda engalithandi ithuluzi," kusho yena.
UMnuz Sifiso Shangase wenhlangano yamatekisi i-Santaco, uthe isipho sakhe useyasazi, unkosikazi wakhe uhlele ukuthi avakashelwe abafowabo bese ebenzela isidlo.
"Ayikho into emnandi njengokuhlala nabafowenu, nixoxe nibonisane ngezinto ezithile. Akusavamile ukuthi nihlangane ningabandawonye kungekho okubi.
“Okumnandi kakhulu ukuthi kube nomuntu ozolokhu esinakekela ngokuthi asiphekele ukudla. Kimina konke sekuphelele anginandaba nesipho engizosiphatha ngesandla.”
Uthe esinye isipho amadoda asijabulelayo yiziqholo, kuthi cosololo uma othengelwe leso sipho esenconywa kuthiwa unuka kahle. Uhlale ekhumbula ukuthi leso sipho wasinikwa ubani.
"Isimo somnotho esikuso njengamanje, senza ukuthi kube nzima ukuthi umuntu athenge isipho abesifisa ngoba zonke izinto seziyabiza. Okubalulekile wukuthi ukukhumbulile ngalesi sikhathi wakuthengela isipho.
“Mina ngithanda isipho esizokwenza ukuthi ngikhule noma ngayiphi indlela, " kusho uShangase.