UMBUZO
MAGUMEDE, ngingowesifazane oneminyaka engu-32 ubudala, ngihlala emqashweni emkhukhwini. Izindlu zincikene ngendlela yokuthi yonke into eyenzeka kamakhelwane iyezwakala.
Nginenkinga, ngihlukunyezwa umakhelwane wami. Njalo uma kufike intombi yakhe ungathi uyabukisa ngendlela abenza ngayo ucansi. Bayakhala babhonge ngize ngizwe nomsindo wokuqhathwa kwezilwane.
Ngiyazi ngizozwakala njengomuntu osangene kodwa lento iyangihlukumeza ngoba nami nginemizwa futhi ngize ngizithole senginyakaza ngedwa ngikhale kanye nabo ngendlela engisuke sengivukelwe ngayo.
Lento isingenza ngifise ukumuzwa umakhelwane wami uma intombi yakhe ingekho. Ngicela ungisize MaGumede ungibonise ngiyenzenjani lento ngoba ayingiphathi kahle emizweni okanye uma kuzofika intombi yakhe ngigoduke ngoba phela mina anginalo isoka?
IMPENDULO
NGIYASAZI leso simo obhekene naso.
Ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukuhlala eduze kwabantu abaya ocansini wena ulambile. Angazi ukuthi ubani owafika kuqala lapho emqashweni futhi ngeke ngisho ukuthi akube khona ozothatha imithwalo ahambe.
Into engingakucebisa ngayo ukuthi kungakuhle nawe uzitholele isoka enizokitazana nalo ukuze uyeke ukulamba. Futhi uqinisekise ukuthi lifika ngamhla intombi kamakhelwane ingekho yikhona umakhelwane ezoyizwa lento ahleze ekuzwisa yona.
Uma uhluleka ntombi ukuthola isoka kushukuthi uyomela ukugoduka noma ungathandi njalo makuza intombi kamakhelwane sengathi kuza umnakwenu. Nyakaza nawe uzitholele umasihlekisane wakho ukuze kuphume lento ekuhluphayo ngoba lento izogcina isikuzondanisa nomakhelwane kube sengathi khona into eniyibangayo kanti naye usuke ezijabulisa nomuntu wakhe endlini yakhe.