SEKUYINSAKAVUKELA okomchilo wesidwaba okwenziwa emicimbini eminingi yesimanje. Uthole kwenziwa iphathi, umembeso, umemulo kodwa owesifazane avunule aconse njengomakoti.
Asho ngenkehli ekhanda, agqoke nokuzenza sasidwaba wena owabona umakoti egcagca.
Yize kuyimfashini kuhambisana nezinye izitayela ezithungwa ngabengqephu kodwa kukhona lapho kushayisana khona nesiko.
Ongoti besintu baveza ukuthi kunezizathu ezahlukene ukugqoka kukamakoti ngendlela ehlukile. Lokhu kuhambisana nesiko nemithetho yesintu okungahambisana namashwa kwabaphambana nehlombe.
USolwazi Sihawu Ngubane, ongungoti wezamasiko nesintu, uveza ukuthi ukwenza izinto zesintu ngesinxele kuhambisana nomthelela ongemuhle.
Ebuzwa ngobungozi bokwenza izinto ezenziwa ngabagcagcayo njengokugqoka inkehli, uthe kungakonela izinto zakho wena muntu wesifazane.
"Ubungozi wukuthi uvelelwa ngamashwa, okuthi ungagcagci noma kuqothuke izinwele," kusho uNgubane obesechaza kabanzi ngezansi.
Uthi ziningi izinto esezenziwa ngesinxele, ikakhulukazi ekuvunuleni kwabesifazane ngokwesintu.
Nakhu okunye:
Ibhokisi
-Enye yezito ezibalulekile uma kuganiswa ingonduso, yibhokisi (kist) eluwuphawu lomendo, elinophawu lokuthi useyokwendela emzini.
Leli bhokisi lichaza nokuthi usuyoze uphume ngebhokisi lomgcwabo kulowo muzi ogane kuwo. Okusho ukuthi uma ufa, ngeke usangcwatshwa lapho uzalwa khona.
Umthimba okhapha umakoti
-Ubalulekile ngoba yiwona osuke uthwele udwendwe, olusuke luholwa phambili ngabakhongi. Uma umakoti esezongena emagcekeni, uchelwa ngenyongo, bese kuhlatshwa inkomo yokumamukela ephelezelwa yizimbuzi eziyindlakudla.
Ummese
-Isinqindi umakoti usina ngaso uma eseyokwabela abasemzini. Umkhonto nawo ugwaza ngawo asine aze, aguqe ngamadolo futhi uphinde usetshenziselwe ukuhloba. Uma esehuba inkondlo yakhe usebenzisa wona lo mkhonto.
Isidwaba
-Siwuphawu lokuthi usethathiwe manje, useyingoduso noma usengumakoti wakulo muzi endele kuwo. Endulo isidwaba bekuyinto egqokwa ngabesifazane abaganile kuphela. Beyigqoka ngisho behambela imicimbi.
Ukukhehla
-Lesi sigaba sona senzeka emva kokudliwa kwendlakudla. Kuqala umukhwe wakhe akhehle umakoti. Kusuke sekuzoba khona umgcagco.
Yilapho nezihlobo ezithola khona ithuba lokucimelisa umakoti, okusho ukumnika izipho noma izinto ezizomsiza uma eselungisela ukushada. Umkhehlo ufana nse ne-bridal shower.
Inkehli
-Iwuphawu lwesethembiso ukuze izinsizwa zingabe zisashela. Intombi ekhehle inhloko iyahlonishwa ngokwesigaba esingene kuso.
Umkhwenyana ukhipha imbuzi yomkhehlo, ihambisana nensoyi, amafutha nentambo. Kwakuwubendle kuqala, manje sekuthengwa ukotini esitolo.
Ngaphandle kwalokho, kuthengwa iva noma usungulo, bese kufunwa inyanga yokweluka imkhehle. Bese kuhlatshwa imbuzi yokumbika umakoti bese kuba yilapho esezothelwa khona ngenyongo.