UMA zinganda izinhlelo zokuthuthukisa abesifazane emkhakheni wezolimo, ingancipha indlala.
Lokhu kushiwo ngumlimi wesifazane, obuye abe nezinhlelo zokuqeqesha abalimi besifazane ukuze bakwazi ukutshala ukuze bondle imindeni futhi bangene emabhizinisini ezolimo, uNkk Nonhlanhla Joye, woMgibe Farming and Organics and Training Institute eMpolweni, ngaseNew Hanover.
UNkk Joye, uthe abantu besifazane yibona abasekhaleni lokulwa nendlala ngoba banejoka lokuthi banikeze imindeni yabo ukudla okunempilo zonke izinsuku.
NgoLwesithathu, njengoba bekuwusuku okugqugquzelwa ngalo ukuthi kube nezinhlelo zokukhuthaza imiphakathi ukuthi izitshalele ukudla kwayo, iWorld Food Day, uNkk Joye, uthe eminyakeni emithathu eyedlule uqeqeshe abantu besifazane abangu-19 ukuze babe ngosomabhizinisi emkhakheni wezolimo ngokubambisana neMomentum.
"Abesifazane abakulolu hlelo ngabaneminyaka engu-35 kuya phansi abanye babo abebengazi lutho ngezolimo, manje sebenezinkampani esezikwazi ukudayisela izitolo ezinkulu nezimakethe. Uma kungase kube nezinhlelo ezinjengalolu eziningi indlala ingancipha njengoba kusenemindeni engakakudli ukudla okunomsoco okuholela ekutheni kube nezingane eziguliswa ukuthi zidla ukudla okungenawo umsoco," kusho uNkk Joye.
UNksz Slondiwe Shangase (23) waseMpolweni, ongumnikazi wenkampani i-Amukelani Enterprizes okulo lolu hlelo, uthe kule sizini utshale iklabishi elingu-7000, ispinashi esingu-15 000 namazambane.
"Ngangingakaze ngicabange ukuthi ukulima kuwumkhakha engingawenza ibhizinisi kodwa manje ngibone umehluko njengoba sekuwunyaka wesithathu ngikulolu hlelo. Siyadla nomndeni ngiphinde ngidayise, indlala siyizwa ngendaba," esho ehleka uNksz Shangase.
UNksz Mbali Ngcobo waKwaMashu, osungule inkampani iMbali’s Organic Garden, uthe kuqale kwanzima ngoba ubengenayo indawo yokulima wagcina ecele esikoleni esiseduze kwakubo, esiseduze komfula.
"Ngesikhathi ngingena ngabona ithuba ngangingazi lutho ngokulima futhi ngangingazizwa ngingumuntu ofanele ukuba kulolu hlelo. Ngafakwa ukuthi imisebenzi ayikho kodwa manje sengiyakuthanda futhi sengiyasibona nesidingo sokuthi kube nezingadi nasezindaweni ezisemalokishini," kusho uNksz Ngcobo.