UKUKHUTHALA nokuhlanzeka noma kuyinto ejwayelekile nekhuthazwa kubantu kodwa kuvamile emakhaya ukuthi umuntu akwenze kuze kweqe kugcine sekuthiwa umthetho wakhe. Lokhu kungabukeka njengento ejwayelekile neyenzeka nsuku zonke kodwa ongoti bezempilo bathi uyadinga ukuqashwela ekhaya umuntu ogcina eseyisikhwishikhwishi akhuthale ngokweqile.
Ungoti wengqondo nowelapha abanezifo zengqondo, uDkt Lindiwe Xaba uveze ukuthi baningi emakhaya abaphathwa izifo zengqondo kunganakiwe. Lokhu kubonakala ngezenzo zomuntu nangesikhathi enza imisebenzi yasekhaya ejwayelekile.
" Ekhaya umuntu akafuni ukuhlala nani, akasanikhulumisi ukhonze ukuba yedwa. Uma kungenjalo ukhonze ukuhlala yedwa, uyakhala noma usekhonze ukuthetha kuze kweqe. Mhlawumbe ayeke into ebekhonze ukuyenza njengokuya enkonzweni, ukubhaka nezinto eziningi. Yilapho esuke esedinga ukwesekwa umtshele ukuthi mama ngikhathazekile ngawe," kusho uDkt Xaba.
Eqhuba uDkt Xaba uthe imvamisa yabantu abahlaselwe izifo zengqondo bayasizakala ngokudla imishanguzo. Lokhu kulekelela ukulawula izifo zengqondo ngokuhlukana kwezigaba nezinga lazo. UDkt Xaba uveze ukuthi bakhona abayidla kahle nemishanguzo nokwenza izinga lokugula kwabo lilawuleke kungabi nengcindezi. Yize kunjalo kodwa lo dokotela uthe bakhona okusuke sekuyizifo abazophila nazo. " Kuyenzeka umuntu ayidle kahle imishanguzo senze konke nathi njengodokotela kodwa ukugula kuhambe kubuya kuphindelela nokwenza abanye abanezifo ezifana no-bipolar baphile nazo impilo yabo yonke," kucacisa uDkt Xaba.
Ephetha uDkt Xaba unxuse ukuthi imindeni, abangani nezihlobo banakekelane futhi basheshe bayibone ingozi emuntwini ongenwa isifo sengqondo ngoba kuyasiza ukusheshe athole usizo lokwelashwa singakadlondlobali ngamandla. UDkt Xaba uveze nokuthi lokhu akwenzeki nje ebantwini ababhuquza emakhaya nababanjwe ukhwantalala lokungabi natoho nokweswela kodwa nabafundile abasebenza kahle.
Ongakwenza ukusiza onezimpawu zesifo sengqondo ekhaya:
-Hlala naye phansi umvulele isifuba sakho ngezinto ezikukhathazayo okubalwa nezinto oziphawula kuye nezikwenza ukhathazeke ngesimo sakhe.
-Mfundise ngosukwazi ngezimpawu zokhwantalala nengcindezi yengqondo, umazise nokuthi isifo esikhona futhi siyelapheka.
-Mbonise ngokuthi akasukume ayothola usizo kongoti noma ayothola ulwazi nokwelulekwa.
-Zinikele ngokumsiza umbalele nezinto ongakwazi ukumlekelela kuzo, uma kwenzeka zamani ukuthola ukwelulekwa nonke njengomndeni nokuzomsiza abone ukuthi akayedwa.
Ngaphandle kwezimpawu kuphela kuningi okusuke sekwenzeka ekhanda lomuntu obanjwe yilesi sifo okubalwa nemicabango yokuzibulala. Ongoti bezempilo baveza ukuthi kunamagama umuntu awaphimisayo noma akhulume kahle ngokushona nokusuke kusho ukuthi ucabanga ukuzibulala.
" Kuyenzeka athi ungcono umasibanibani usephumule.Qaphelani izinto ezinjalo," kusho uDkt Xaba.