UKUNIKEZA uweta obekunakekela ithiphu kuyinto ejwayelekile, kanti kwesinye isikhathi uma ungayenzanga ubukeka njengongoqo ongabongi.
Ngempelasonto kube nempikiswano eshisa phansi enkundleni yezokuxhumana i-X, mayelana nokuthi ikhasimende elithile lithenge ukudla kukaR800 lase linika uweta ithiphu kaR20.
Abanye bebethi incane imali ayinike uweta, abanye bebuza ukuthi kanti kuyisibopho yini ukukhipha ithiphu ngoba kuya ngokuthi uyathanda yini noma cha. Nokuthi unayo imali esele ngesikhathi uthenga othanda ukuyipha uweta.
UMnuz Thomas Farley we-website enikeza amasu okuphathwa kwezivakashi ezindaweni zokudlela, i-etiquette expert, uthe kwezinye izikhathi amakhasimende aye azizwe sengathi acindezelekile ukuthi anikeze uweta ithiphu ngoba isiliphu sokukhokha sinesikhala esibuza ukuthi imalini oyinikeza uweta eyithiphu.
“Kuzwakala sengathi akusekona ukwenza ngokuthanda. Le nto yethiphu ayisagcini nje ezindaweni zokudlela, nabantu abenza imisebenzi okungekho iziliphu ezibhalwe lokho uyaye ubone ukuthi balindele ukuthi ubanike ithiphu. Ezindaweni ezifana namagalaji, ezindaweni ezidayisa itiye nekhofi, abashaya izizefo ezitolo.
“Angisho ukuthi kubi noma kuhle kodwa akuzwakali kahle ukuthi ummeli alindele ukuthi umnike imali ethe xaxa ngokwenza umsebenzi wakhe futhi ekhokhelwa kahle. Uweta noma ibuye ibe khona ingcindezi ekutheni ikhasimende liyikhokhe ithiphu kodwa siyazi ukuthi kwabanye le mali iba yingxenye yeholo labo,” kusho uFarley.
UNkk Elaine Swann weSchool of Protocol, uthe ithiphu inikezwa umuntu okhombise ukusebenza okungaphezulu kwalokho okufanele.
“Ezinye izindawo zokudla zibeka u-20% noma u-10% walokho okuthengile njengesisekelo okumele usukele kuso uma unikeza uweta ithiphu. Kwamanye isiliphu sifike sesiyifakile kodwa ngaphezu kwalokho kulindeleke ukuthi ikhasimende likhiphe ithiphu. Kuvumelekile ukuthi ikhasimende libuze ukuthi kanti le mali ishonaphi? Uweta uzochaza ukuthi isetshenziselwani ngoba enye ayinikwa uweta njengoba ucabanga, ngakho ukuyifaka akwenzi mehluko empilweni kaweta,” kusho yena.
Okunye athe amakhasimende kumele angakuphambanisi ukuthi uma ukudla kungasheshanga ukufika, uma kufike kungavuthiwe noma indawo inomsindo noma ingeyona into ikhasimende ebeliyilindele, lokho akuhlangene noweta. Uthe okuthinta ukudla kusho ukuthi abasekhishini abangawenzi umsebebenzi wabo kahle. Okwendawo kuthinta umnikazi webhizinisi, uma unezikhalo kumele usifake kuye.
“Uweta umsebenzi wakhe ukuthi akuhlalise, akunakekele etafuleni, akhulume nawe kahle, akusize akutholele ukudla okufunayo, akuchazele kahle ngakho. Umnika ithiphu ngokwenza kahle kulokho,” kuchaza yena.