KUJWAYELEKILE ukuthi uma abantu becasuka, bathumele imiyalezo ngamaselula bakhiphe ingonyuluka yokucasuka kwabo besebenzisa namagama athile ahambisana nokudinwa.
Ongoti baxwayisa ngengozi yokulwa ngemiyalezo ebhalwe kumaselula okubizwa nge-fexting. Bathi ingxabano kungcono ukuyilungisa ngomlomo hhayi ngokubhala phansi.
Ngokusho kukaMnuz Murray Hewlett oyisikhulu esiphezulu senhlangano yezempilo i-Affinity Health, abantu bakuthola kulula ukuthumela imiyalezo ngeselula kodwa lokhu kuba yinkinga uma abantu bexabana.
Uveze ukuthi muva nje kunomkhuba obhebhethekisa ingxabano obizwa nge-fexting okuwukubhala efonini uma abantu bexabana.
Uthe ukuxabana ngemiyalezo ebhalwe phansi kususa ubuntu ngoba kuba lula ukubhala into ongeke uyikhulume uma ubhekene nomuntu ngqo.
Ubalule ukuthi okubhalwe phansi kunokulahlekelwa yinhloso yakho njengoba indlela umuntu afunda ngayo okubhalwe phansi ingamcasula kunendlela lokho okubhalwe phansi obekungashiwo ngayo wumuntu.
Wenze isibonelo sokuthi uma wazi ukuthi umuntu okhuluma naye kunamazwi amcikayo, uyawagwema uma ubhekene naye nixabana kodwa uma ubhala phansi kulula ukusho noma yini efika engqondweni.
Uthe eminye imiyalezo ifika kabi ngoba kungenzeka ukuthi umuntu uyifunda engekho esimeni esikahle noma usuku lwakhe lungahambi kahle. Lokhu kwenza lokho okubhalwe phansi kungafiki kahle.
Ubuye wakhala ngokuthi okubhalwe phansi kuyahlala ngakho umuntu uhlezi enobufakazi bento eyashiwo eyayibhalwe phansi akufani nokushiwo ngomlomo.
Uthe okubhalwe phansi kuyakwazi ukubuyiswa ngabantu bakhumbuze labo ababexabana nabo ukuthi bake babhala into ethile ngabo.
Kuthikameza ingqondo
-UHewlett uthe okubhalwe phansi kwenza ingxabano ibhebhetheke ngoba uma kufike kabi umuntu uvele athumele inqwaba yemiyalezo efuna ukushesha aphendule lokho okushiwoyo. Kuye kungafiki kahle komunye bese kumphatha kabi emoyeni kumthikameze nasemqondweni.
-Ukubhala phansi uma kuxatshanwa kuqeda ukuthembana, kuphazamise ukuxhumana, nokuzwana kuqale inzondo kwabathintekayo.
-Kungagulisa nomuntu emzimbeni kudale ukuthi abe nokhwantalala.
-Abanye kuthiwa bezwa inhliziyo ishaya ngamandla, kwehle amasosha omzimba, baphathwe yizisu, badinwe, abanye bakhathale.
Abanye baphathwa yikhanda ngenxa yokuxabana bese bebhala phansi.
Ukubhala phansi kungcono uma kuxoxwa ngezindaba ezingaxabanisi mhlawumbe njengokubhala uhlu lwegilosa nokunye okuncane.
Ungakugwema kanjani ukuxabana efonini
-Uma sekuqubuke ingxabano, qala ucabange ngaphambi kokuthumela umyalezo obhalwe phansi. Ukuthumela umyalezo ngesikhathi usadiniwe kungakwenza ubhale into ozozisola ngayo, ungabi nozwelo.
-Uma ingxabano inzima kakhulu, ungaphenduli ngokubhalwe phansi, thula, ucabange kahle ofuna ukukusho. Yiba nesibalo semiyalezo oyithumelayo ukugwema ukuthumela imiyalezo eminingi ezodala ukhwantalala.
-Yeka ukubhala phansi, ushaye ucingo lapho uzokhuluma nomuntu noma wenze i-video call lapho nizobonana. Lokhu kuzokwenza uzwe indlela umuntu akhuluma ngayo, umbone nokuthi unjani ebusweni.
-Cela usizo uma abantu ozwana nabo bethanda ukubhala phansi njalo uma nixabana. Ungakhuluma nabaluleka ngokwengqondo noma nomuntu ongasondelene nani ozokusiza ukubhekana nengxabano yalolu hlobo.
-Qinisekisa ukuthi ukuxoxa nibhekene kuhamba phambili ngoba yikona okusondeza abantu, kuyasiza nangokuthi izingxabano zisheshe zixazululeke.