INHLANGANO elawula odokotela bamehlo, i-Professional Board for Optometry and Dispensing Opticians (PBODO) isinxuse abantu ukuba banakekele amehlo.
Iveze ukuthi njalo ngoSepthemba 20 kuya ku-Okthoba 17, yisikhathi sokugqugquzela abantu ukuba banakekele amehlo emhlabeni jikelele.
I-PBODO ithe abantu kufanele baqinisekise ukuthi bazihlolela zonke izifo ngoba ezinye zingaholela ekutheni bagcine bengasaboni.
“Kubalulekile ukuthi abantu bahlole amehlo okungenani kanye ngonyaka ngoba lokhu kusiza ukubheka izinga labo lokubona. Kungabuye kuvumbulule nezinye izifo abanazo njengoba ukuhlola iso kungaveza ukuthi umuntu une-glaucoma noma isifo sikashukela,” kusho i-PBODO.
Ithe kubalulekile ukuthi abantu babazi odokotela abalapha izifo ezithinta amehlo okubalwa ama-ophthalmologists okuwodokotela abaqeqeshelwe ukusebenzisa imithi nokuhlinza amehlo. Labo dokotela bakwazi ukuhlola iso, ukwengula ulwelwesi oluvala amehlo nokusebenzisa ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi umuntu uyabona.
Kunodokotela bamehlo abajwayelekile ababizwa ngama-optometrists. Laba wodokotela abakwazi ukuhlola amehlo ngenhloso yokuwalapha noma ukunikeza ongaboni kahle izibuko zamehlo, ama-contact lense nezinye izinsiza ezisetshenziswa ngabangaboni kahle.
Kubuye kube khona onesi abasebenza ngamehlo nodokotela ababizwa ngama-dispensing opticians okungodokotela abaqeqeshelwe ukukhipha izinsiza zamehlo, okubalwa izibuko, ama-contact lenses nokunye. Basiza ukuthi abantu babe nezibuko ezibalingana kahle njengoba bekala umuntu ukuze bamtholele izibuko ezizomhlala kahle nezinye izinsiza zokubona ezihambisana nabo.
Inhlangano yodokotela idonse ngendlebe abantu ukuba baye kodokotela bamehlo abaqeqeshelwe lo msebenzi futhi ababhaliswe nezikhungo ezifanele.
Kugqugquzelwe abantu ukuthi basabalalise ulwazi lokunakekelwa kwamehlo ngokukhuluma nemindeni nabangani. Bahambele izinhlelo zokuhlola amehlo ezenziwa wodokotela bamehlo ezizophela ngo-Okthoba 17.
I-PBODO iveze ukuthi odokotela abaningi bamehlo bawahlola mahhala kulesi sikhathi. Abanye baba nezaphulelo, yanikeza abantu amasu alandelayo angabasiza ukuthi bahlale bebona kahle;
-Vikela amehlo akho ngokuwahlola kudokotela wamehlo osemthethweni, esibhedlela noma emtholampilo ovunyelwe ukwenza lokhu.
-Gqoka izibuko zelanga uma ungaphandle ukuze uvikele amehlo emisebeni ebukhali yelanga.
-Yidla ukudla okunomsoco odingwa ngamehlo okubalwa ufishi, ukherothi, imifino, amakinati amawolintshi nokunye okuno-vitamin A, C, no-E.
-Uma unesifo sikashukela zinakekele kakhulu, udle ukudla okunomsoco, uzivocavoce ngoba naso sinomthelela ekudaleni ukungaboni.