KUYIQINISO elingephikwe ukuthi uKhisimusi ujatshulelwa kakhulu womuntuza, abanye abasuke bejabulela ukuhlangana nezinye izingane zomndeni, abangajwayele ukuhlangana nazo. Lokhu kusho ukuthi nokudla ozokuphekwa ngalolu suku kumele kube wokuzobajabulisa, bakudle bakuqede.
Ukupheka ukudla kwabantu abadala, okuyirayisi nesishebo nenqwaba yamasaladi, kwenza onkabi bagcine bengadlali kwazise bathi bedla bebe bengqabashiya bejahe ukuyodlala.
Ungoti wezokudla, uNkk Zanele Nduli-Madlala uthi okudla okucoshwa ngeminwe (finger lunch) yikhona okusizayo ngalolu suku.
‘’Uvele ubenzele inyama enhlobonhlobo, okungaba ngama-wings noma ama-winglets. Usungabona ukuthi uwanonga kanjani. Ufake ne-gammon nezinye izinhlobo zenyama. Lokhu wukwenzela ukuthi bakwazi ukuthi bathi begxumagxuma beyodlala kodwa umuntu akwazi ukucosha inyama adle. Omarayisi nokhari kugcina kuyizindimbane ngoba kuphoqa ukuthi abahlale phansi badle beziqoqile,’’ usho kanje.
Ubale neziphuzo, wathi imindeni ingazama ukubalekela iziphuzo ezihlohlozayo ngokuthi yenzele omuntuza ama-cocktails azogqama ngemibala okungaba wobomvu noluhlaza.
‘’Okudingayo nje wukuthi ube ne-passion fruit, cranberry, granadila. Konke lokhu kuzokwenza ukuthi iziphuzo zakho zigqame ngemibala, okuyinto abazifela ngayo omuntuza.“
Ugcizelela nangokuthi okubalulekile kulezi ziphuzo wukuti bafakelwe izambulela ezifakwa kuma-cocktails, noma ama-straws ahlotshiswe ngemibala kaKhisimusi. Ubale nokhilimu ukuthi nawo ungathiwa chwa phezulu esiphuzweni ukwenza sibukeke siheha.
Amanye amasu azokusiza ngalolu suku
Pheka ngayizolo
– Njengoba kunezinkinga zokucisha kukagesi, ukupheka ngayizolo bese ufaka efrijini kungakusiza ungabambi ikhanda ngosuku lwezibiliboco
Qinisa enyameni
– Ukuqinisa kakhulu enyameni okungaba yi-turkey, inkukhu, gammon noma yi-roast kuzokusiza uma upheke ngayizolo ngoba kulula ukukufudumeza. Zama ukubalekela ukudla okulula, ukuthi konakale, njengerayisi nokunye.
Sizanani nonke
UKhisimusi wusuku lokuhlanganisa umndeni. Ngalolu suku kumele nabelane imisebenzi yokupheka, ukuze nithi nijabulela uKhisimusi kodwa injabulo nokuxhumana kuqine ngalolu suku. Izingane zingenza amasaladi, abesilisa benze ama-cocktails nokunye.