UKHISIMUSI yize ugabe ngemibala engqamile nobukhazikhazi kodwa itafula alidingi ukuhlotshiswa kuze kweqe ngoba kuzokwenza ligcine lingasagqami kahle.
Ungoti wemihlobiso nohlela imicimbi UNkk Gugu Nzimande Mkhize, weMmngwey Events Management uthi nanoma ngabe yini esekhaya iyalenza itafula libukeke kahle ngalolu suku.
" Ndlala indwangu yombala owuthandayo bese ubeka ipleti, ingilazi nevasi efakwe izimbali noma amahlamvu esihlahla. Ungasebenzisa nezingilazi namakhandlela ukwandisa imhlobiso. Ungakhohlwa ukubeka nesipuni, ummese nemfoloko okuhlala kukhona ekhaya ngoba awudingi ukuthenga okusha," kusho uNkk Nzimande Mkhize.
Yize iningi labantu likhonze ukudlela etafuleni kodwa bakhona nabathanda ukuhlala kosofa, ukudlela phansi kwesihlahla. Lokhu akuhluphi ongoti bathi ngisho egcekeni, emuva kwendlu nakhona phansi kwesihlahla ungandlala ubeke imihlobiso phansi kube ipicnic.
Amasu angakulekelela
-Khetha umbala owodwa wendwangu yetafula ozogaba ngawo okungaba obomvu, omhlophe, okuhlaza neminye ehambisana nokhisimusi.
-Thola indwangu encane enqamula phezu kwalena engenhla, lokhu nokubizwa ngetable runner bese uyendlala ngaphezulu.
-Beka ngendlela isipuni sokudla, imfoloko nommese kanjalo nethisipuna yokudla izibiliboco zokwehlisa. Uma sekucaca ukuthi kuningi kakhulu kuqoqe ndawonye ngeribbon noma intambo enombala wento ekhona etafuleni.
-Amakhandlela noma ngabe umbala onjani ungawesebenzisa ukuhlobisa futhi akuphoqi ukuthi akhanyiswe.