BANGENI DISTANCE GUMEDE
Akungoba ngithanda izindaba, ukuthi nje uma kukhulunywa ngocansi kusuke sekuthintwe mina ngoba yiwona mkhakha engiwuthandayo nengiwuqonda kangcono.
Ngithe ngizidlulela nje kwenye indawo, ngihamba ngiziqalazela ngezwa kuxoxwa indaba yokuthi ucansi oluvuthayo lutholakala komapakisha. Ngeke ngisho ukuthi lowo obesho lokho unamanga ngoba ungumuntu osekhulile kodwa amaphosiso aphindiwe lawo.
Mhlawumbe ake ngingagxili ekutheni ubani utheni kodwa ngichaze nje ngokuthi olunjani ucansi oluvuthayo, futhi kungani ngithi lutholakala kunoma ubani. Ucansi oluvuthayo wuhlobo locansi olumnandi futhi silubiza nge-Full House ngolimu lwasemzini. Kuleso sivuthevuthe socansi yilapho labo abasuke bekulona besala bejabulile bobabili ngendlela yokuthi akekho ongenelanga, kusuka ekuqaleni kuze kube bafika kuvuthondaba bobabili.
Ngebhadi akusiwo wonke umuntu olwaziyo noma olutholayo ucansi oluvuthayo, kodwa yilabo abayaziyo indaba yabo uma kuyiwa kulona. Akudingi futhi ukuthi nize nisule izithukuthuku ukuze ucansi lwenu nilubize ngoluvuthayo kodwa nizwa nisaqala nje ukuthi, hhayi imizwa iyahambisana nize niyoqeda konke kuvuma. Akukhathalekile noma ngabe ungumapakisha noma uyilamba lidlile, uma ucansi luvutha nje luyavutha kwaphela, futhi kuya ngokuthi wena uthanda umuntu onjani nokuthi lowo muntu unyakaza kanjani embhedeni.
Okunye kuba wukuthi nobabili niyazazi yini izinto ezidingekayo nekumele nizenze okuyizona ezingokhiye ezigcina zenze ukuthi ucansi luvuthe bhe.
Kunabantu abathandana nabantu abangamalamba edlile kodwa abajabulile ngenxa yokuthi ucansi lwabo luyavutha. Ukuvutha kocansi akuncikile ekutheni umuntu wakho unezinqa ezingakanani noma amathanga angakanani noma idanda lingakanani kodwa ubumnandi nokuvutha kocansi kulele la ekwenziwa khona ucansi.
Ungapakisha noma ubemncane ngomzimba uma ungakwazi nje ukwenza ucansi noma ungemnandi, ucansi lenu luzobanda qa.
Uma singathi ucansi oluvuthayo lutholakala komapakisha kuphela ngabe bonke abantu bathandana nabo. Ezinye izinto kufanele siziqaphele uma sizikhuluma, akusho ukuthi ngoba wena uthanda omapakisha wase uthola oyedwa onocansi oluvuthayo sekusho ukuthi bonke banjalo, mhlawumbe kwaba inhlanhla nje yakho.
Ngicela sikukhiphe nje emqondweni ukuthi ucansi lumnandi kakhulu uma umuntu epakishile. Khululekani nje, hlala kumuntu wakho inqobo nje uma nikwazi ukuzijabulisa ngendlela enigculisayo ningaze nishiye abantu benu niyothungatha omapakisha.
Noma ngabe ucansi lwenu alumnandi kodwa mina ngikholwa ukuthi wena nothandiweyo wakho ningakwazi ukuzenzela ukuthi ucansi lwenu lugcine seluvutha amalangabi, uma nje ningayeka ukuvilapha embhedeni, nigxile kulokho enisuke nikwenza futhi angabikhona oqhuba omunye ngamadolo.
Akukhathaleki noma ngabe omunye upakishile noma akapakishile. Ngikhona futhi mina ngingakwazi ukunisiza nomuntu wakho ukuze ucansi lwenu lubemnandi, anginqeni futhi nokunipha amasu amahhala.