NGESIKHATHI abantu abaningi babevaleleke emakhaya, bengayi ndawo ngenxa yokubhoka kweCovid-19, kunebhizinisi elachuma ngaleso sikhathi somvalelandlini.
UNksz Nontobeko “Nonny” Nxumalo, wasungula ibhizinisi lokuhlela imicimbi iMangocado, walibhalisa ngokusemthethweni ngo-2014, kepha lachuma ngo-2020, ngesikhathi somvalelandlini.
UNksz Nxumalo (34) waKwaMaphumulo, osezinze eMgungundlovu, uthe wayenothando lokuphatha ibhizinisi kodwa engakwazi ukukhulisa iMangocado ngokushesha ngenxa yokuxinwa wumsebenzi.
“Ngize ngasizwa wukubhoka kweCovid-19, ngokuthi abantu abaningi bebengakwazi ukuhambela izindawo zokuzijabulisa kodwa befuna ukuhlelela izithandwa zabo izinto ezimnandi.
“Yilapho-ke engangena khona, ngibahlelela imicimbi ehlukene emakhaya abo, bese ngifaka izithombe zomsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana, sakhula kanjalo-ke isibalo samakhasimende afuna ngiwenzele into efanayo,”kuchaza uNksz Nxumalo.
Eqhuba, uthe eMangocado uhlela imicimbi ehlanganisa eyokugubha usukulokuzalwa, eyemishado iyona agxile kakhulu kepha uyayenza neminye.
“Okunye okungisizile ngamava eminyaka engaphezu kwewu-10 ngisebenza embonini yokuhlela imicimbi, okwenze kwaba lula sengigxila ebhizinisini. Ngisizwa nawukuthi ngibeka phambili okufunwa yikhasimende, ngenze isiqiniseko sokuthi liyagculiseka ukuze litshele nabanye ngengikwenzayo,” kuchaza uNksz Nxumalo.
Le ntokazi ineziqu ze-Advance Diploma in International Hospitality Management ezenze eVarsity College.
Ephetha uNksz Nxumalo, uthe ufisa ukugcina esehlela imishado yosaziwayo nemicimbi emikhulu ukuze aziwe nakwezinye izifundazwe.