UMA kukhulunywa ngodlame olumayelana nobulili, into yokuqala efika engqondweni kuba ngowesilisa osuke eshaya owesifazane ngoba azi ukuthi akanawo amandla okumelana naye.
Kodwa nabathandana nabobulili obufana nobabo, okungabesifazane abathandana nabanye abantu besifazane, bathi bayafa yisibhaxu nangezinye izinhlobo zokuhlukunyezwa yilaba abathandana nabo. Bakhala ngokuthi laba besifazane bavamise ukuba nolaka, nokufuna ukukhombisa ukuthi bangamabhoklolo njengabesilisa njengoba bevamise ukudlala leyo ndima ebudlelwaneni bothando nomunye umuntu wesifazane.
Omunye wesifazane oyisisulu salolu dlame, uNksz Phindile Gwala (26) waseMlaza, uveza ukuthi impilo yakhe icishe yashabalala eyibhekile ebhunyelwa ngamanzi abilayo yisithandwa sakhe (31) leli phephandaba elingeke lisidalule.
UNksz Gwala osagqigqa inkantolo ngaleli cala, ukhala ngokuthi ukushaywa, ukulinyazwa nokukhacwa ngenhlamba yinto abantu besifazane ababhekene nayo ebudlelwaneni bobulili obufanayo. Uveza ukuthi ubudlelwano bakhe buqale buhamba kahle, nothando luvutha amalangabi kodwa kwaqala kwavuka isikhwele kumuntu wakhe.
"Ubevamise ukungifaka kwizingxabano zakubo kodwa ngizama ukumtshela ukuthi ngeke ngikwazi ukungena izinto zomndeni. Wasuka wavukwa yisikhwele wangisola nangokuthi sengithandana nomfowabo nokuyinto engelona iqiniso. Ngelanga angishisa ngalo ngamanzi, kwakuqale ngazo izinsolo zokuthi ngijola nobhuti wakhe. Abantu bacabanga ukuthi abesilisa kuphela abahlukumezanayo, nathi esithandana nabasifazane sisenkingeni," kusho uNksz Gwala.
Eqhuba uthe iningi labantu abathandana nobulili obufanayo abaziyo, abakhulumi ngokuhlukumezeka kwabo. Uthi yize bebehlanganiswe wuthando nalo wesifazane owamshisa kodwa uNksz Gwala uthi ufisa ukubona umthetho udlala indima yawo, kungenzelelwa ngoba kungowesifazane obekwe icala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Gwala uqinisekisile ukuthi kunecala elavulwa yilo wesifazane, kwaboshwa owesifazane ngokumlimaza kanzima. Uveza ukuthi icala kumanje liseNkantolo yeMantshi eMlaza.
"Icala langena enkantolo lahlehliselwa u-Okthoba 20, kusolwa ukuthi ngoMeyi 28, umsolwa washisa umgilwa ngamanzi emuva kokuqophisana ngamazwi," kusho uLt Col Gwala.
Oyisishoshovu samalungelo abantu nokhulumela inhlangano i-Gays & Lesbian kuleli, uNksz Nonhlanhla Mkhize, uveza ukuthi kusenenkinga yokuthi udlame luhlukaniswe ngokobulili. UNksz Mkhize uveza ukuthi ukuthandana nobulili obufanayo akusho ukuthi ukushaywa, ukudlwengulwa nokuchashwa ngenhlamba kwehlukile nangokomthetho, akubi icala elehlukile.
"Amalungelo nomthetho kusebenza ngendlela efanayo noma ngabe abantu bathandana ngokobulili obufanayo. Akumele uma kubhekwa amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane noma abesilisa abathandana ngobulili kugxilwe kwinzondo yabangahambisani nabo, kodwa nabo bebodwa bayahlukumezana. Inkinga amacala amaningi anjalo, awaveli ngoba abaphumeli obala bavele nokuyinto eseqhulwini kwizinhlelo zokubavikela," kusho uNksz Mkhize.
Eqhuba uthe ngisho amacala okudlwengula bayawasukumela kanti sebesebenza ngokubambisana nezinhlaka zikahulumeni ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
"KunamaThuthuzela Centre atholakala ezibhedlela ezahlukene aneqhaza elikhulu ekulweni nezinkinga ezikhungethe abathandana nobulili obufanayo nabadlwenguliwe. Siyabagqugquzela abantu ukuthi noma kungelula kodwa bathole ngezinhlaka ezifanele, basukume baphumele obala ngezinkinga ukuze bezosizakala," kusho uNksz Mkhize.
Uthingo Network eMgungundlovu ngezinye zezinhlangano ezicobelela ngolwazi ungabathintga ku: 033 342 6165, abeDurban Lesbian & Gay Community Health Centre batholakala ku: 031 312 7402, Out LGBT Well Being esePitoli ungashayela u: 012 430 3272 noma ubabhalele kule email ethi: [email protected] noma abeSame Love Toti ungabathola ku: 082 654 8635 noma ubhalele kule email [email protected] ukuthola kabanzi nangezinhlelo zezinhlangano. Lezi zinhlangano ezingenzi nzuzo zizivulile izandla nakubantu abangafisa ukufaka isandla baxhase ngezinto ezahlukene.