ICHERY okuyinkampani yaseChina ekhiqiza izimoto, ikhuza ibuya eNingizimu Afrika, ngemuva kweminyaka inyamalele.
Le nkampani yethulwa kuleli ngo-2007 kodwa yanyamalala buthule ngo-2018 ngenxa yokugqoza kwabathengi. Kuleli sonto kumenyezelwe ukuthi kwethulwa iChery South Africa, nokuzodayiswa ngaphansi kwayo izimoto.
Izojoyina umkhaya wayo iHaval yaseChina, eyenza kahle kuleli njengoba ngenyanga edlule ibe ngeyesikhombisa ezinkampanini ezidayise kakhulu. Izimoto zokuqala zakwaChery, zizokwethulwa ngaphambi kokuphela konyaka ngoba basaqedela ukuqoka amagalaji angu-30 okuqala azoyidayisa.
Isikhulu seChery South Africa, uMnuz Tony Liu, sithe yize izimoto zizoqala ukudayisa ngasekupheleni konyaka kodwa basebenza ngokuzakhandla bezivivinya kuleli futhi babheka amagalaji asezindaweni ezibalulekile, abazodayisa kuwo.
"Ngokungena ngqo emakethe amakhasimende azokwazi ukuthola okusezingeni okuza neChery ngokwempatho nangemikhiqizo yethu. Uma kuya ngesikubone kumazwe omhlaba, kusho ukuthi amakhasimende azothatheka kakhulu," kusho uLiu.
IChery ithe izowaseka amagalaji akhethiwe ngendawo enkulu yokugcina izimoto, amaphathi ezimoto, iwaranti nohlelo lokunakekela izimoto (service plan) kanjalo nangosizo oluphuthumayo abangase baludinge abashayeli, uma besemgwaqweni amahora awu-24.
Ithe isenza uphenyo ngokwethula i-App etholakala kwi-iOS nakwi-Android, ezokwenza ukuthi umshayeli angagcini ngokukwazi ukubona isimo semoto kwiselula kodwa abekise ngisho isikhala sokuyisevisa kwaChery South Africa.
Imoto yokuqala ezotheleka yiTiggo 4 Pro compact SUV, ezolandelwa yiTiggo 7 Pro neTiggo 8 Pro.
EChina iTiggo 4 Pro inenjini engu-1.5 litre engenayo iturbo enamandla angu-85kW netorque engu-143Nm. Inogearbox oshitshwayo noma ozishintshayo oyiCVT. Kwamanye amazwe kukhona nenenjini engu-1.5 litre eneturbo enamandla angu-108kW.
ENingizimu Afrika akukacaci ukuthi kuza yiphi nokuthi intengo izobe ithini.