IMOTO: HYUNDAI PALISADE
ABAKWAHYUNDAI bethule iSport Utility Vehicle (SUV), enkulu iPalisade nokuyiyo esesicongweni ngokukleliswa kwezimoto zabo.
IPalisade inkulu kuneSanta Fe, obekuyiyo ebiphezulu. Ngaphansi kweSanta Fe kukhona iTucson, iCreta, iKona neVenue.
Kuyaziwa ukuthi isigaba samaSUV yisona esikhula ngaphandle futhi yiso esizihola phambili esigabeni sezimoto ezincane (passanger car segment), eNingizimu Afrika. Yingakho izinkampani zingazibekile phansi ziqinisa khona.
Ubukhulu bePalisade buyenza ikwazi ukulayisha abagibeli abayisikhombisa noma abayisishiyagalombili kodwa kuya ngohlobo lwemoto. Lokhu kungenxa yokuthi ubude bayo bucishe bube ngamamitha awu-5.
Uyakwazi ukufudumalisa izihlalo zangaphambili nezaphakathi uphinde uziqandise, ngokuzihlela ngogesi. Ngaphakathi aniyibangi indawo yokushaja ngoba ziyisikhombisa izimbobo ze-USB. Kunezinye zokushayisa ngomoya okakhayini kubagibeli bangemuva, bese kuba nezindawo zokubeka iziphuzo yonke indawo.
Ukhakhayi luphinde lungenise ukukhanya ngoba inamasunroof amabili. Ngaphambili kunetouchscreen infotainment system ewu-7 inch, okwazi ukuveza kuyo iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Kulolu hlobo lweSUV, injini enkulu iwu-2.2 wamalitha kadizili, kanti inamandla awu-142kW netorque ewu-440Nm. Lolu hlobo lwenjini belusetshenziswa yiSanta Fe ngaphambi kokuthi ithuthukiswe. Le 4-cylinder turbodiesel ifuqa isebenzisa ugearbox owu-8 speed automatic amandla ewathumela kuwo wonke amasondo. Ngo-100km bathi idla amalitha kadizili angu-8.2.
Ngiyizwe inamandla enele ngesikhathi siyishayela yethulwa futhi ngaphakathi imoto ithule ibe intofontofo. Intofontofo ngale ndlela yokuthi ungaze uphike ukuthi inamasondo amakhulu angu-20 inch. Nasemgwaqweni uze ukhohlwe ukuthi yimoto enkulu ngoba awuzwa umzimba ulala uma ujika ikhona.
Ngaphandle inegrille enkulu eyenza igqame bese iba namaLED headlights namadaytime running lights. Nangemuva amalambu ayiLED.
Ngakwezokuphepha, uma ufaka ukhiye iyakwazisa uma kunemoto eseceleni, ikukhumbuza ukuthi uqaphele izilwane eziseduze kwemoto noma izingane ezingemuva kwayo. Inekhamera esiza uma upaka nama-airbag ayisithupha
Intengo
Palisade R2.2 7-seater Elite (auto)R 999 900
Palisade R2.2 8-seater Elite (auto)R 999 900
Ihlanganisa iservice plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km newarranty yeminyaka eyisikhombisa.