Ziyaqhubeka nokuba yinyama kubaduni izimoto zakwaToyota, VW, Ford nakwaNissan, eNingizimu Afrika, ngokusho kwabeFidelity Services Group.
Le nkampani ithe yize ukudunwa kwezimoto kunyuka jikelele ngesikhathi samaholidi kaDisemba kodwa akukhuphukanga ngendlela exakile ezweni lonke.
Isikhulu esiphezulu seFidelity Services Group, sithe ngenhlanhla akunyukanga ngoDisemba kodwa bayazilungiselela ngoba ulwazi abanalo lukhomba ukuthi kungase kukhuphuke phakathi kukaJanuwari noFebhuwari.
Uthe ukudunwa kwezimoto yibhizinisi elibuswa yizimfuno zamakhasimende nokuthi lezo zimoto zikhona yini.
“Ngaleyo ndlela, abaduni babheka izinhlobo ezithile zezimoto, ngenhloso ethile nemakethe. Ukufunwa kwamaToyota, VW, Ford namaNissan kuyaqhubeka nokuba phezulu.”
Uthe nazi izimoto eziyinyama ngokolwazi lwabo:
- Toyota Fortuner (GD6 neD4D)
- Toyota Hilux (GD6 neD4D)
- Toyota Corolla Cross
- Toyota RAV 4
- VW Polo (ikakhulukazi ama-hatchbacks)
- Nissan NP 200
- Ford Ranger (double cab ne-single cab)
Uthe izimoto ezithutha impahla namaloli zidunelwa umthwalo wazo.
“Abagilwa abaningi abadunwa izimoto, bacuthelwa lapho noma eduze kwalapho abahlala khona noma emsebenzini. Umkhuba wakamuva osubonakele, wokuthi kuthunjwe abagilwa ukuze basize ngokutholakala kwe-tracker nokubambezela ukuthi kubikwe ngesigameko,” kusho uBartmann.
Uthe ezilinganiselwa ku-30% izimoto ezidunwayo ziweliswa umngcele ziye emazweni angomakhelwane.
Weluleke abantu ngokuthi bahlale bemehlomane begade nezimoto okungenzeka ukuba ziyabalandela. Uma besola ukuthi bayalandelwa, kumele baye esiteshini samaphoyisa esiseduze noma endaweni ephithizelayo.
“Ungagolozi uma udunwa. Khumbula ukuthi abaduni bahlala behlomile futhi ngeke bangabaze ukudubula.”