BAFUNA ukugwema ukuthi abantu balimaze izimoto ngenxa yokuswela ulwazi abahleli be-4x4 Mountains & Valleys Experience ezoba seValley of 1000 Hills eBotha's Hills ngo-Agasti 29.
Lolu hlelo kuzoba ngokwesishiyagalombili lukhona futhi seluke lwasingathwa eKapa naseMpumalanga.
Umsunguli walo, uMjey Zama, uthe inhloso yabo enkulu ukuqeqesha abantu ngezimoto zabo.
"Abantu bathenga izimoto ezingama-4x4 kodwa bangachazelwa kahle ngazo nokuthi yini ezikwazi ukuyenza. Uthola umuntu esephula u-diff noma enze ingozi ngoba nakhu engazi. Abanye bagcina sebephoxeka behamba nabantu bebhajwa baze balale emahlathini ngoba bengazi ukuthi yini okumele bayenze," kusho uMjey.
Uthe bavumela kuphela abantu abahamba ngama-4x4 ukuthi kube yibo ababaqeqeshayo.
"Sikufundisa ngendlela efanele yokuhlala emotweni, ukugada izibuko nokunye. Okubalulekile ukuthi sifundise abantu ngokuphepha hhayi kuphela uma behamba obhuqwini kodwa nasemgwaqeni jikelele."
Uthe umcimbi wabo ukhombisa ukudlondlobala ngoba sekukhona nabaxhasi asebeyingxenye yawo. Uveze nokuthi uma kuncipha ukubhebhetheka kweCovid-19 bazokwenza uhambo oluzoguduza obhuqwini eSani Pass bayojika eBotswana.
Uthe ukujoyina ngo-Agasti 29 uR650 imoto ngayinye futhi kuvumeleke umgibeli oyedwa ohamba nomshayeli emotweni.