KUNYUKILE ukuthengwa kwezimoto ngo-Agasti ngemuva kokushayeka ngoJulayi ngenxa yezibhelu ezaqubuka ikakhulu KwaZulu-Natal naseGauteng.
INaamsa, i-Automotive Business Council, ithe ngoJulayi izibhelu ziphazamisile kanjalo nokuhlaselwa kweTransnet nokuyinto eqhubekile nokubonakala ekudayisweni kwezimoto ngaphandle kwezwe ngenyanga edlule.
Ithe izimoto ezidayisiwe ngo-Agasti zibe ngu-41 425 nokuyisibalo esinyuke ngo-8 166 noma u-24.6% uma kuqhathaniswa no-33 259 owadayiswa ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Izimoto ezidayiswe ngaphandle zibe ngu-19 466 nokukhombisa ukwehla ngo-3 583 noma u-15.6% uma kuqhathaniswa no-23 029 owaphuma ngo-Agasti wonyaka odlule.
Kuzona zonke izimoto ezingu-41 425 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-34 620 noma u-83.6% zidayiswe emagaraji, u-12.0% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.5% kube ngowezinkampani bese kuthi u-1.9% wadayiselwa uhulumeni.
Ngokusho kweWesBank, isibalo sokuthengwa kwezimoto sikhuphuke ngo-25.3% uma kuqhathaniswa nangoJulayi.
IToyota South Africa Motors izishaya isifuba ngokudayisa izimoto ezingu-10 543 ngenyanga edlule. IHilux yiyo ezihola phambili ngo-3 335. AmaDouble Cab abe ngu-1 732, amaSingle Cab aba ngu-1 058 bese kuthi ama-Extra Cab aba ngu-545.
IWesBank ithe nazi izimoto ezidayise kakhulu:
Toyota Hilux - 3 335
VW Polo - 2 563
VW Polo Vivo - 1 724
Toyota Hiace - 1 361
Isuzu D-Max - 1 331
Toyota Starlet - 1 203