KUVALWE u-2023 kunyuke kancane ukudayiswa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa no-2022, ngokwezibalo ezikhishwe yiNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa).
INaamsa ithe imboni ayikwazanga ukufika ezibalweni zango-2019, ngaphambi kokubheduka kweCovid-19, kodwa ithe inethemba lokuthi u-2024 uzoba ngcono.
INaamsa ithe ngoDisemba, izibalo zehlile uma kuqhathaniswa noDisemba wonyaka odlule, njengoba zibe ngu-40 329 izimoto ezidayisiwe nokungukwehla ngo-1 392 noma u-3.3% kunanyakenye.
Isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle zona sinyuke ngo-26 612 noma u-317 uma kuqhathaniswa nezingu-26 295 ezadayiswa ngoDisemba ka-2022.
INaamsa ithe uhhafu wesibili wonyaka awuhambanga kahle njengoba bekubonakala ngathi kubuyela esikhathini esingaphambi kokubheduka kweCovid-19.
Ithe ukuntenga komnotho, ukunyuka kwezindleko zokuphila nenkinga kagesi kube nomthelela futhi inkinga ebe khona echwebeni ngasekupheleni konyaka kuphazamise ukuthi imboni isimame.
Isibalo sezimoto ezintsha ezidayisiwe ngonyaka odlule sinyuke ngo-0.5% uma kuqhathaniswa no-2022. Zibe ngu-532 098 ekubeni ngonyaka odlule zazingu-529 556 futhi sekubukeka ngathi kuzothatha iminyaka emine ukuze kubuyelwe ekudayiseni izimoto ezingu-536 612 wango-2019.
INaamsa ithe amaloli amakhulu adayisiwe adlule kwadayiswe ngonyaka odlule nokusizwa wukuthi abezokuthutha baphoqeleka ukusebenza umgwaqo ngenxa yezinkinga ezitimeleni.
IToyota South Africa Motors ivale unyaka kuyiyo edayisa kakhulu njengoba kuthengwe izimoto ezingu-142 612.
IHilux yilo lithengwe kakhulu unyaka wonke okuyisicoco esisiphathe iminyaka engu-50.