IMOTO: TOYOTA GR YARIS
ITOYOTA GR Yaris akusiyona iYaris eyejwayelekile njengoba yakhiwe ngokubambisana nethimba lezimoto zomjaho lakwaToyota, iToyota Gazoo Racing.
Iphethe injini engu-1.6 litre three-cylinder turbocharged. Ifuqa amandla angu-198kW netorque engu-360Nm okwenza iqhashe ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.5 kuphela. Okuzokitaza abathanda izimoto zejubane ukuthi amagiya uyazishintshela njengoba iphethe ayisithupha ashintshwayo.
Iyamangalisa indlela eshesha ngayo emgwaqweni uzithola uhleka wedwa. Isivinini isinyusa ngisho uhamba ngo-6 igiya kungabi khona sidingo sokunciphisa ngoba nakhu ufuna ukudlula enye imoto. Ijubane layo elikhulu ngu-230km/h.
Okwenza isheshe kangaka emgwaqweni ukuthi inesisindo esincane esingu-1,280kg. Ngesikhathi yethulwa sithole ithuba lokuyizwa emakhoneni ngesivinini emzileni wezimoto zomjaho iFormula K eBenoni neRedstar Raceway eDelmas. Ngingakutshela ukuthi iyanamathela ekhoneni nokusizwa kakhulu ukuthi idonsa ngawo womane amasondo.
Kunenkinobho oshintsha kuyo ukuthi amandla iwathumele kangananani emasondweni. KuNormal ifaka angu-60% ngaphambili no-40% ngemuva, kuTrack iwathumela ngokulinganayo ngemuva nangaphambili bese kuthi kuSport ithumele u-70% ngemuva no-30% ngaphambili.
Uma uthanda umsindo wenqawe khohlwa, ngeke uzwe lutho.
Engikuthandayo ukuthi inamandla impela kodwa amabhreki abamba ngokushesha. Ezinye izinto zokuphepha enazo ukuthi isho ukuthi umoya osemasondweni ungakanani, amabhreki e-ABS, EBD, Brake Assist (BA), VSC neHill Assist Control (HAC)
KwiRally kukhona nePre-Collision System (PCS), amalambu azikhanyisa kakhulu aphinde adime, iyakusiza ukuhlala emzileni ne-Adaptive Cruise Control.
Uma uthatha ebizwa ngeRally uzothola i limited-slip differential ngaphambili nangemuva futhi yona inamathayi angu-18 inch eMichelin Pilot Sport 4s. Eyejwayelekile nayo inamathayi angu-18 inch kodwa umehluko ukuthi yiDunlop SP Sport MAXX 050.
KwaToyota indlela ehamba ngayo ungathi yiyo abaqinise kakhulu kuyo ngoba uma ungena ngaphakathi uzoqaphela ukuthi izinga liphansi. Udashboard nasezicabheni kwakhiwe ngoplastiki.
Ine-touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto noma ngeBluetooth bese iba nezipikha eziyisithupha.
Njengoba kuwumncanyana isikhala asikho nhlobo ezihlalweni zangemuva nasebhuthini. Uma usacabangela umndeni kumele ukhohlwe yiyo. Okumnandi ngezihlalo zangaphambili ukuthi ziyakubamba ungalokhu unyakaza.
IRally ifika nezihlalo zesikhumba ne-Alcantara, ezesikhumba ngemuva, Heads-up Display ne-Active Noise Control eyenza uzwe umsindo wenjini ngaphakathi.
Zombili izinhlobo zidunyiswa ngebhathini, LED-headlamps namaDaytime Running Lights (DRL), LED foglamps, izibuko ezishisayo emaceleni, iyazishaya ama-wiper uma lina, dual-zone climate control nokunye.
Intengo:
Toyota GR Yaris - R 606 600
Toyota GR Yaris Rally - R715 600
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.