UKUTHAKASELWA kweMsinga Driftkhana eMphelankani, eMsinga, ngoJuni kwenze abahleli bayo bathatha isinqumo sokuyiphinda ngenyanga ezayo.
KwiDriftkhana abashayeli bezimoto basuke bekhombisa ubuchule babo bokushaya izidudla, bechusha nasemapalini, imoto ishishiliza sakukekela, i-drifting.
Umcimbi waqala ukusingathwa kusuka ngo-2012 futhi ozayo ngoSepthemba 25 kuzobe kungoka-10.
Umsunguli wawo, uSmanga Mabaso, uthe ukuthakaselwa komcimbi abawenze ngoJuni yikho okwenze babona ukuthi kumele bawuphinde ngoSepthemba.
"Uma uzokhumbula kahle, vele inyanga yethu yokuwenza kuba nguSepthemba kodwa ngenxa yemithetho elawula ukubhebhetheka kweCovid-19 asikwazanga ukuwenza ngonyaka odlule. OwangoJuni wawudubula izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngoba sasikhokha isikweletu sowangonyaka odlule futhi sibheka ukuthi singakwazi yini ukuwenza ngoSepthemba. Abantu bakhombisa ukuwuthanda kakhulu yingakho siqhubeka nezinhlelo zangenyanga ezayo," kusho uSmanga.
Uthe kuningi abeza nakho njengabashayeli abasha abazojoyina abanye abadala abazobabuyisa.
"Izocishe ifane neyangoJuni bese sengeza izinto ezimbalwa. Izinhlelo zethu zihambisana nemithetho elawula izwe ekhona njengamanje kodwa uma kuxegiswa nathi sizoyixegisa."
Uqhube wathi ekuqaleni kwenyanga ezayo amathikithi akaliwe azobe esetholakala eComputicket kodwa bazoba nalo uhlelo lokuthi bayisakaze bukhoma nasezinkundleni zokuxhumana.
Phakathi kwabashayeli abasuke bedlala kubalwa kubo uMagesh Ndaba, Reece Wiliamson, Team Numbi, Kokstad Team noMsinga 4 Pipe Convoy.