IMOTO: VOLKSWAGEN GOLF 8 GTI
IVOLKSWAGEN Golf GTI yimoto engadinge kwethulwa ngoba ngisho abangazithandi kangako izimoto, bayayazi.
Ize iteketiswe ngokuthi yi“Vrrr Pha” eMzansi futhi uma iqhamuka ishiya abantu bekhuluma.
Ukwethulwa kwentsha ceke iGolf 8 GTI, kushiya abantu benemizwa ehlukene. Abayithandayo bayakitazeka. Abanye ibakhumbuza izikhathi bephambene nengalo yomthetho kwazise ibuye ihambe amaphoyisa futhi iGolf 4 GTI yayithandwa kakhulu wuphiko lwamaScopions. Abanye ibavusela iminjunju ngoba bake bathathelwa intombi wumuntu ohamba ngeGTI.
Umugqa obomvu wodumo ngaphambili kwi-grille, usakhona bese ubhampa ngezansi ube nama-fog lamp. Amalambu angamaLED kodwa uma uthanda ufaka ama-IQ Light: LED Matrix Headlight, akhanya kakhulu.
Amarimu efika nawo angu-18 inch kodwa uma uthanda uyakwazi ukufaka angu-19 inch. Ngemuva, ushintsho olukhulu ukuthi uGTI usubhalwe phakathi nendawo ngaphansi kophawu lwakwaVW.
Uma uthanda nokho uyakwazi ukuyifaka iBlack Styling Package eyenza umugqa obomvu ngaphambili ube mnyama, ibe mnyama emakhaveni ezibuko nakumarimu angu-18 inch.
Ngena ngaphakathi yilapho zibuya khona. Yonke into isebenza ngomunwe, akukurufwa lutho. Izinto eziningi zenziwa kwi-touchscreen ye-infotainment system ephakathi nendawo. Yilapho usetha khona i-aircon, uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo. Ubona ingaphandle uma upaka, usetha ama-drive mode uma ufake i-adaptive chassis control nokuhlela ezokuphepha ngendlela ofuna ngayo.
Kungathi ungazinika isikhathi ngaphambi kokuyisusa ufunde ukuthi izinto zisebenza kanjani. Ngike ngazithola ngihlulwa ukusetha ukukhala kahle komsindo ezipikheni ezintsha zeHarman Kardon, ngagcina ngishiye kanjalo.
I-screen lesi sigqame kahle kanjalo nese-digital cluster esingu-10.25 inch okuyilapho ubona khona ijubane, inkombandlela nokunye. Inesiteringi, esibuye sifudumale, amabhathini ngathi iTiguan entsha uma uwathinta ngathi ayangqangqazela mbijana.
I-sunroof, oyifaka uma uthanda, uyivula ngokuhambisa nje umunwe phezulu, akunankinobho oyidonsayo.
Ifika nezihlalo eziyisikhumba ngaphakathi.
Ngaphansi kwebhonethi kusekhona injini efanayo nakwiGTI edlule engu-2.0 TSI turbocharged. Inyuke amandla ngo-11kW njengoba ifuqa u-180kW ne-torque engu-370Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-7 speed DSG kodwa uzoqaphela ukuthi igiya seliyimbijana ngaphakathi, ungalishintsha nje ngomunwe, libizwa ngeshift-by-wire system.
Uma uthanda ushintsha kuma-pedal shifter.
Emgwaqweni iyanamathela, uyishaya ngesivinini esiphezulu kungabi ndaba zalutho. Isiteringi sizwakala silula kodwa uyayizwa, ijika lapho uyikhomba khona. Umsindo ka-Vrrr Pha wodumo usakhona nokuyinto emnandi. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-6.4.
Uma uyifake kuComfort iba ntofontofo nokuyenza kube yimoto ekahle yokuhamba nsukuzonke uphinde uyijabulele uma uyinyathela kancane.
Izinga lezokuphepha likhuphukile njengoba ikusiza ukuhlala emzileni nokubhreka uma kunesimo esiphuthumayo, cruise control (adaptive uma uthanda), park assist nokunye.
Intengo:
Golf 8 GTI R669 300
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i-warranty ye-roadside assistance yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corossion warranty yeminyaka engu-12.