IMOTO: AUDI Q2
NGESIKHATHI i-Audi Q2 ifika eNingizimu Afrika eminyakeni emine edlule, abathengi bayamukele kahle njengoba ingenye yezimoto zale nkampani ezidayisa kakhulu.
Muva nje ithuthukisiwe ukuze izoqhubeka ihehe. Bathe ukuyithinta lapha nalapha ngaphambili kwi-grille nakubhampa ngemuva ukushintsha indlela ebukeka ngayo.
Esihamba ngayo bayigaxe iBlack Styling Package eyenza ibe ne-grille emnyama, ikubhampa nasemakhaveni ezibuko.
Amalambu abawafakile ngamaMatrix LED headlights othi uma uyidumisa akhanye sambukiso ngaphambi kokukhanya bha futhi nama-indicator ashaya ngathi ayadweba.
Lena yiS line efakwe iBlack Styling Package okusho ukuthi inamarimu angu-19 inch bese iqoshwa uS Line kwi-fender.
Ngaphakathi yakhiwe yaqina futhi izihlalo zihlanganisa isikhumba nendwangu. Inezinto ezihlanganisa i-touchscreen infotainmenet system ikwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto futhi iveza ikhamera ngemuva.
Ine-panoramic sunroof, izipikha ezikhala kamnandi zeBang & Olufsen, izimbobo ze-USB ezimbili ngemuva futhi ngaphakathi uyayishintsha imibala ekhanyisa ngayo.
Njengoba kuyiSUV encane, ungalindeli isikhala esikhulu kodwa kuyahlaleka futhi nebhuthi likahle, uyakwazi nokho ukulalisa izihlalo zangemuva uma ufuna isikhala esithe xaxa. Ngokwezinombolo ibhuthi, evuleka ngogesi, ingu-405 litres bese kuthi uma ulalisa izihlalo ibe ngu-1,050 litres
Injini yayo ingu-1.4 litre TFSI kaphethroli enamandla angu-110kW ne-torque engu-250Nm. Ino-gearbox oshintsha kahle oyi-8 speed tiptronic. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-8.8 bese kuthi ijubane elikhulu kube ngu-213km/h.
Ine-sport suspension, iyehlisa ngo-10mm ubude nokuyinto esiza ukubambelela. Bayigaxe i-Audi drive select eyenza uyishintshe indlela ehamba ngayo phakathi kuka-auto, efficiency, comfort, dynamic individual.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-8.4 ngo-100km.
I-Q2 yimoto ekahle kubantu abasebasha, abangenawo umndeni omkhulu. Ukwengeza izinto eziningi kuyo nokho kugcina sekunyusa intengo.
Intengo:
R581 500 (Lena inguR796 630 ngenxa yezinto ezengeziwe)
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.