IMOTO: CITROËN C3
INDLELA iCitroën C3 ebukeka ngayo iyenza ihluke kakhulu kunezimoto ebanga nazo abathengi esigabeni sama-hatchback amancane.
Lokhu yinto ebalulekile ukuze izogqama njengoba kuminyene utshumo kulesi sigaba kwazise kukhona iVW Polo, Hyundai i20, Kia Rio, umzala wayo iC3, iPeugeot 208, nezinye.
I-C3, eyethulwa ngo-2016, isanda kuthuthukiswa ukuze izohambisana nesikhathi. Uzokhumbula ukuthi phela ibisiqala ukuba ndala uma iqhathaniswa nalezi zimoto engizibale ngenhla okumanje sekusele iPolo ukuthi ithuthukiswe ngonyaka ozayo.
Izinhlobo zayo zihlukene kabili - yiFeel enamandla angu-60kW no-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo bese kuba ngesihamba ngayo, iShine.
IShine nayo inenjini engu-1.2 litre kodwa umehluko ukuthi amandla makhulu kunaweFeel njengoba engu-81kW ne-torque engu-205Nm. Le njini eyi-three cylinder ine-turbo, okuyenza ibe nomdlandla wokuhamba emgwaqeni. U-gearbox wayo ungumshini ozishintshayo, isethwe kahle kwazise ushintsha ngesikhathi esifanele.
Iduma sakundonda njengezimoto ezinenjini efana neyayo kodwa eminye imisindo yangaphandle mincane ngaphakathi.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-6.9 ngo-100km/h.
Engikuthandayo ukuthi uma usuka endaweni enyukelayo iyazibamba ukuthi ingahlehli. Ezinye izinto zokuphepha enazo ukuthi ikutshele uma ibona ngathi sekumele uhlabe ikhefu, amabhuleki e-Anti-lock Braking System (ABS), Emergency Brake Assist (EBA), Electronic Brake Force Distribution (EBD) ne-Electronic Stability Programme (ESP), ine-central locking, ama-airbag ngaphakathi futhi iyasho uma kunesondo elehlelwe wumoya.
Emgwaqeni ovulekile uyakwazi ukuyifaka kuCruise Control bese ihamba ngejubane olikhethile futhi isho uma kumele ulishintshe ngokomthetho womgwaqo ohamba kuwo ngaleso sikhathi.
Uma lina izulu, ama-wiper ayazishaya futhi isibuko sokujeqeza emuva siyazidima sona uma sekushona ilanga.
Amalambu angamaLED ngaphambili ayazikhanyisa uma sekuqala ukuba mnyama abuye alinde isikhashana ukucisha uma usuyivalile imoto. Iphinde ibe namaLED daytime running lights kanti nawangemuva angamaLED futhi inama-sensor asiza uma upaka ukuze ungashayisi.
Imibala yayo ngaphandle ihlukile emzimbeni bese iba nokhakhayi oluhlukile njengale ebomvu bese iba nokhakhayi olumnyama.
Ezinhlangothini inamakhava namarimu angu-16 inch anomugqa awenza agqame.
Ngaphakathi ishaya nge-7 inch touchscreen okulula ukuyisebenzisa nokwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto. Kuphinde kube namabhathini okulawula umsakazo esiteringini.
Isikhala sikahle ngokobukhulu bayo futhi ebhuthini ingu-300 litres. Lapho sincisheke khona ngesokubeka iziphuzo ngaphambili, sincane kakhulu.
Intengo:
C3 1.2 Pure Tech Shine R334 900.00
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.