Imoto: Volkswagen Golf 8.5
KwaVolkswagen bagubha iminyaka engu-50 yeGolf ngokwethula ethuthukisiwe.
Kusuka kwethulwe iGolf 8, kwaVW eNingizimu Afrika abasayidayisi ejwayelekile kunalokho baletha iGolf GTI neGolf R.
Izindaba ezimnandi kwabathanda ijubane wukuthi kuthiwa amandla enjini asenyusiwe esuka ku-180kW aba ngu-195kW.
Ezinye izinguquko zithinta amalambu angamaLED enziwe kabusha ngaphambili nangemuva. Nebheji lakwaVW ngaphambili liyakhanya.
Kukhona nemibala emisha futhi uma uthanda uyakwazi ukucela enokhakhayi olumnyama.
Amarimu nawo ashintshwe futhi iphuma nangu-17 inch kodwa uyakwazi ukukhetha afika ku-19 inch.
Ngaphakathi bayishintshe i-infotainment system. Esiteringini sekubuyiswe amabhathini akudala akusewona lawo okudinga uwathinte kancane noma udlulise umunwe bese enza okufunayo.
Baphinde bayigaxa nobuchwepheshe obenza umshayeli ekwazi ukuyipaka noma ayikhiphe lapho epake khona emi ngaphandle esebenzisa iselula.
Imininingwane ephelele ngayo izoqinisekiswa ngabakwaVolkswagen South Africa.