ITOYOTA South Africa Motors igqugquzela ukuzimisela kubadlali baseNingizimu Afrika abazomela izwe kumaParalympic Games azoqala eJapan ngesonto elizayo ngokubathembisa umklomelo wemali uma bephumelela.
Ama-2020 Paralympic Games azoba seTokyo kusuka ngoLwesibili kuze kube uSepthemba 5.
IToyota ithe bonke ababuye nezindondo kuma-2020 Olympic Games asanda kuphothulwa nabo bazohlomula kanjalo nalabo abazobuya nazo kumaParalympic.
Othole igolide ithe izomgixabeza ngoR100 000, othole indondo yesiliva ahlomule ngo-R50 000 kuthi owethusi athole uR25 000.
Selilonke ithimba lakuleli liqede ama-Olympic nezindondo ezintathu kuphela. Umbhukudi uTatjana Schoenmaker wanqoba eyegolide neyesiliva kwathi enye yesiliva yatholwa umdlali we-surfing uBianca Buitendag.
Isikhulu sezokuDayisa nokuMaketha kwaToyota South Africa Motors uLeon Theron sithe kujwayelekile ukuthi amazwe athumela abadlali emidlalweni yama-Olympic namaParalympic abahlomulise.
Le nkampani isebenza kakhulu noTyrone Pillay ongumdlali we-shotput nomgijimi uNtando Mahlangu abangamanxusa ayo nabangabanye abaya eTokyo.