Kumenyezelwe izimoto ezintsha ezizokwethulwa kulo nyaka nozayo ezingaphansi kwenkampani ehlanganise ezahlukene iStellantis.
Izimoto ezintsha ezizokwethulwa kulo nyaka kubalwe i-Opel Corsa entsha, Citroën C3 Aircross, iPeugeot Landtrek eyi-single cab, Jeep Wrangler MCA, Fiat 500e BEV, Abarth BEV ne-Alfa Romeo Stelvio SUV ezophuma ngonyaka ozayo
IStellantis okuyinhlanganisela yezinkampani ezimbili okuyiFiat Chrysler nePeugeot Citroen nesineminyaka emithathu yasungulwa, inezinhlobo zezimoto ezingu-14 ngaphansi kwayo.
Bathe iCitroën izokhipha izimoto ezintathu ezibiza ngaphansi kuka-R400 000 ukwandisa isibalo sokuthengwa kwezimoto zabo eziku-B Segment sifinyelele ku-75%.
Okwamanje bathe izimoto ezikulesi sigaba ziku-53% ukuthengwa kwazo njengoba kudayiswa ezingu-15 000 ngenyanga.
ICitroën C3 Aircross ezayo inenjini engu-1.2 turbo enamandla angu-81kW ne-torque engu-205Nm. Inamagiya ayisithupha futhi iqatha njengoba iyi-SUV.
ICitroën C3 ibe ngezinye zezimoto ezingene embangweni weCar of the Year ka-2024.
KwiPeugeot Landtrek kuza iveni eyi-single cab enenjini engu-1.9 TD no-gearbox oyi-6MT.
Ine-airconditioning, amasondo anamarimu ensimbi angu-15 inch, electric windows nesithebe esikhulu sokulayisha impahla.
Ukwenza kahle kwePeugeot 3008 ne-5008 bathi yikhona okwenza baqhubeke nokuhlala kuyona beyikhiqiza. Ngo-2021 iPeugeot 3008 ithathe isicoco seCar of the Year.
I-Abarth 500e BEV entsha bathe yona inamasondo angu-17 inch, i-7 inch digital cluster, 10,25 inch Infotainment system, wireless CarPlay/Android Auto, Fast Charge 85kW, iphinde idunyiswe ngebhathini.
IJeep Wrangler yona iza nenjini engu-2.0L DOHC DI Turbo ESS enamandla angu-200kW ne-torque engu-400Nm.
Idla u-8.5 litre ebangeni elingu-100km, iphinde ikwazi ukuhudula umthwalo onesisindo esingu-3 500kg.
Bathe izimoto ze-Alfa Romeo noma zingaphansi kweStellantis kodwa ziyohlala kungezase-Italy, kanti ngo-2027 kuzokhishwa lolu hlobo lwezimoto ezihamba ngogesi.