OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma, neqembu Umkhonto Wesizwe (MK) bafake isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo. Bacela ukuthi amajaji ayekhona ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuthi aboshwe ngokwedelela umyalelo wenkantolo, ashenxe uma sekulalelwa isicelo senhlangano yokhetho i-IEC ngesonto elizayo.
UZuma wagwetshwa izinyanga ezingu-15 waboshelwa ejele lase-Estcourt ngo-2021.
I-IEC, yanquma ukuthi uZuma akafanelwe wukungena ohlwini lwasePhalamende ngoba walahlwa ngecala, wagwetshwa. UMkhonto weSizwe walufaka enkantolo udaba wanqoba kodwa i-IEC yalwedlulisa ithi ayinelisekile ngesinqumo.
INkantolo yoMthethosisekelo kulindeleke ukuthi ilalele isicelo se-IEC ngoMeyi 10.
I-SABC ibike ukuthi uZuma emaphepheni uthe ukuze inkantolo ihlale, kumele kuba nokungenani namajaji ayisishiyagalombili.
Emaphepheni iMK noZuma abawafakile, babale iNhloko yamaJaji uRaymond Zondo namanye okungoJaji Madlanga, Jaji Majiedt, Jaji Mhlantla, Jaji Theron noJajiTshiqi ukuthi kumele bashenxe.