ININGI labesifazane libanethuba lokuzikhethela ukuthi lizobeletha ngayiphi indlela. Bakhona abakhetha ukubeletha ngokuhlinzwa ngoba besaba ukuzwa imisiko noma imihelo yezinhlungu eziziwa owesifazane ngaphambi kokubeletha.
Ngokomqingo wezempilo iJournal of Women's Health Physical Therapy ngo-2017, u-25% kuya ku-90% wabesifazane uzwa ubuhlungu beqolo ngesikhathi sokukhulelwa. Cishe u-50% wabesifazane uyaqhubeka nokuzwa ubuhlungu beqolo ngemva kokubeletha.
Emqingweni ochaza kabanzi ngokulawulwa kwezinhlungu, iJournal Pain Research and Management yango-2018, kuvela ukuthi u-37% wabesifazane wabika izinhlungu ezinyangeni ezintathu ngemuva kokubeletha ngokuhlinzwa.
I-International Journal of Obstetric Anesthesia ngo-2019 ibike ukuthi u-43.7% wabesifazane wezwa ubuhlungu beqolo ngemva kwezinyanga eziyisithupha zokubeletha ngokuhlinzwa.
Ukubeletha ngokuhlinzwa kuhambisana nomjovo ovimbela ukuthi owesifazane angazizwa izinhlungu, wenza ukuthi esingezansi sibe ndikindiki, i-Epidural.
Ongoti bezempilo bathi umjovo okujovwa ngawo emgogodleni uvikela ukuthi umzimba uthumele umyalezo wokuthi owesifazane uzwa izinhlungu, okuholela ekutheni isingezansi sowesifazane sibe ndikindiki. Kwesinye isikhathi kusetshenziswa imithi evumela ukuthi owesifazane akwazi ukuzibelethela ngokwemvelo kodwa angabuzwa ubuhlungu. Ngesinye isikhathi kusetshenziswa imithi eyenza ukuthi esingezansi singakwazi ukwenza lutho, odokotela bakuhlinze ingane ibelethwe ngokuhlinzwa.
Odokotela bathi yize kulula ukuthatha isinqumo sokuthi ufuna ukusebenzisa i-epidural. Le mithi ingaba nemiphumela engemihle, njengokwehlisa umfutho wegazi, ukuluma komzimba, nekhanda elibuhlungu. Kungenzeka futhi abanye babe nezinto ezingavamile ezihlala isikhathi eside emzimbeni njengobuhlungu beqolo noma umgogodla.
Yimiphi imiphumela emibi engavamile?
Imiphumela emibi engavamile ehambisana nama-epidural isukela ezinkingeni zokuphefumula kuya ekulimaleni kwemizwa yomuntu.
Izinkinga zokuphefumula
Ezimweni ezingavamile isitubamizwa kungenzeka sithinte imisipha esesifubeni elawula ukuphefumula. Lokhu kungaholela ekutheni umuntu aphefumule kancane noma ezinye izinkinga zokuphefumula.
Ikhanda elibuhlungu kakhulu (severe headache)
Uma inaliti ye-epidural ibhoboza ngephutha ulwelwesi olumboze umgogodla bese kuphuma uketshezi, kungabangela ikhanda elibuhlungu. Lokhu kwenzeka kuphela cishe ephesentini elilodwa labantu abasebenzise i-epidural, ngokolwazi lwe-American Society of Anesthesiologists.
Ukungena kwamagciwane (infection)
Ukuvula imbobo esikhumbeni noma yinini kungadala ukuthi kungene amagciwane esikhunjeni. Akuvamile ukuthi kube nokutheleleka okwenzeka ngenxa ye-epidural ngoba isikhumba siyesulwa ngesibulali magciwane ngaphambi kokuthi kungene inaliti kodwa kungenzeka. Amagciwane angasabalala nakwezinye izingxenye zomzimba kodwa lokhu akuvamile ukwenzeka.
Ukudlikiza
I-epidural ingabangela ukukudlikiza komzimba noma ukuquleka. Uma imithi yobuhlungu ingena emthanjeni yakho kungenzeka ukusebenza kukagesi womzimba, kuphazamise ukusebenza okujwayelekile kobuchopho bese uyadlikiza noma uquleke.
Inaliti esetshenziselwa ukuletha i-epidural ingathinta imizwa ehlukene okuholela ekutheni ingasebenzi okwesikhashana noma unomphelo nokopha emgogodleni.
Ongoti bathi zikhona ezinye izindlela zokwehlisa ubuhlungu ezingasetshenziswa esikhundleni se-epidural, njengamasu okuphefumula okujulile, ukuqeqesha onemihelo ukuthi aphumule kanjani, ukusebenzisa imishanguzo ehogelwayo , ukubelethela emanzini nezinye.