USEBENZISE imali yesibonelelo sengane waqala ibhizinisi lokutshala kungasetshenziswa umhlaba, ihydroponic.
UNksz Welile Gumede ungumsunguli wenkampani etshala u-green pepper, u-red pepper, u-yellow pepper, utamatisi , u-cucumber nokunye i-Azowel Projects.
Uthe inkampani yakhe wayisungula ngokusebenzisa imali yesibonelelo okwakumele ondle ngayo ingane ngenhloso yokuthi ayandise ukuze bakwazi ukuphila, ngo-2017.
Le ntokazi eneminyaka engu-33 yaKwaMaphumulo, ithe ineziqu zeDental Assistant eyazithola eDurban University of Technology neChemical Engineering eyifunde eBerea Technical College.
Ngebhadi uthi akasitholanga isikhala sokuqeqeshelwa umsebenzi ukuze akwazi ukuthola iDiploma yakhe waze waphonsa ithawula wayongena kwezolimo.
Uthe ngo-2017 wayesenamahloni okuthi abuyele kubazali bakhe athi ucela ukuthi bamkhokhele ayofundela ezinye iziqu, ngaphezu kwalokho wayesenengane.
"Umama uvula umsakazo kusukela ekuseni kuze kuyoshona ilanga. Ngelinye ilanga evule lo msakazo ngezwa ngethuba lokuya kolalela ngokuqalwa kwebhizinisi.
“Ngathatha imali yesibonelelo sengane ngaya khona. Kuleso sigcawu ngafunda ukuthi ungenza kanjani ukuqala ibhisizinisi lezolimo, wenze izivumelwano zokusebenzisa umhlaba uma ungenayo imali, ukuvula inkampani nokunye.
“Angipholisanga maseko uma sengibuyile ngazivulela inkampani ngo-R175 esikhundleni semali enkulu ebizwa ngabantu abasuke sebesebhizinisini lokuvulela abanye amabhizinisi," kusho yena.
Uthe kuleso sigcawu waphuma esemtholile umlimi ozomsiza ambambe ngesandla kuleli bhizinisi.
Uthe waya kokhuluma nenkosi ecela ukusebenzisa ama-tunnel ayefakwe endaweni, ayengasasetshenziswa.
Ngeshwa uma eseqala ukusebenza uthe wathola ukuthi mathathu kuphela ama-tunnel angasebenziseka, ayisikhombisa ayelimele kakhulu.
Uthe ngesikhathi bekhula ubengayingeni eyokulima, ubezama ngayo yonke indlela ukuthi angayi ensimini.
"Nangesikhathi ngingena ebhizinisini lokutshala, angingeniswanga ukuthanda ukutshala ngangeniswa ukuthanda ibhizinisi engase ngifunde ngalo," kusho yena.
Uthe ziningi izinselelo ahlangabezane nazo njengokuthi kuthe uma sekubonakala ukuthi uyasebenza kulama-tunnel, wahlaselwa kwalinyazwa ingqalasizinda. Kuthiwa akayena owakuleso sigodi.
"Ngaleso sikhathi ngangisanda kuthola uxhaso kwi-Agribusiness Development Agency (ADA). Ngithe ngisathi ngiyavuka kuleso siwombe kwafika izikhukhula zalimaza ingqalasizinda ebivele ingakalungi kahle.
“Kulapho ngigcine sengithola omunye umlimi obenepulazi kodwa engenazo izinto zokusebenza eCato Ridge, senza isivumelwano. Yingakho sengisebenzela khona manje," kusho uGumede.
Uke wadayisela izitolo ezinkulu imikhiqizo yakhe kodwa wayeka ngoba uma kwenzeka umkhiqizo uphuma ungabi yilokho ebezikulindele, zikufaka emagameni abakhiqizi abangathembekile.
Manje udayisa ezimakethe kodwa abheke ukuthi into ayitshalayo inesidingo esingakanani futhi ngasiphi isikhathi.
"Ama-pepper ayizitshalo zasehlobo njengamanje uma unawo, wenza imali ngoba awamaningi kubalimi nakubantu abakwazi ukuzitshalela emakhaya.
“Kuzothi uma kushintsha isizini ngishintshe ngitshale esinye isitshalo esizobe sesidingeka kakhulu,“ kuchaza uNksz Gumede.
Ngo-2020 uchonywe uphaphe ngabakwaSantam, ngaphansi komunxa iSantam Women of Future Award.
Ngo-2021 wachonya uphaphe i-Eskom Foundation kwazothi ngo-2022 wawina iShoprite Hustle Competition.