ABANTU abaningi bayibheke ngabomvu impelasonto ezayo ngoba kuzobe kungamaholidi ePhasika, okusho isikhathi sokuvakashela ababathandayo okanye ukuya enkonzweni.
Lesi yisikhathi esikhathazayo kubasebenzisi bomgwaqo ngoba nezingozi zisuke zidlangile.
I-WesBank inxuse abashayeli ukuthi babeke phambili ukuphepha ngokuhlelela kahle izinkambo zabo futhi bahlolisise izimoto ngaphambi kokuhamba.
Ibalule nazi izinto okumele zibhekwe ngaphambi kokungena indlela:
Amabhuleki – hlola ama-brake pads ukuthi awaphelile yini nezinkomba zokuthi awakwebhi yini kuma-disc.
Ibhethri – Bheka izimpawu zokuguga futhi wenze isiqiniseko sokuthi lishajwe lagcwala.
Amalambu – Hlola wonke amalambu okuhlanganisa awangemuva, awokubhreka nama-indicator.
Amathayi – Hlola umoya namaloba kuwo wonke amathayi okuhlanganisa nesipele.
Windscreen wiper – Shintsha wonke ama-wiper asegugile ukuze ukwazi ukubona uma izulu libheda.
Uketshezi – Hlola amafutha enjini, coolant, brake fluid ne-power steering fluid.
“Ukunganakekeli ngendlela ikakhulukazi amabhreki namathayi kuyinto ekhonjwa njengembangela enkulu ekufeni kwabantu ezingozini eNingizimu Afrika,” kusho uLebo Gaoaketse, okhulumela iWesBank.
Uthe ngebhadi ukumpintsheka ngasemalini kwenza abanikazi bezimoto abaningi bakubambezele ukunakekela izimoto kulezi zinto ezibucayi.
Okunye abashayeli okumele bakuqaphele ukuze baphephe yilokhu:
Umkhuba wokushayela ngendlela ephephile:
Ibhandi yinto yokuqala ekuvikelayo uma uba sengozini – qinisekisa ukuthi wonke umuntu ulifasile ngaso sonke isikhathi. Kubalulekile ukushiya isikhala esanele phakathi kwakho nemoto oyilandelayo, ulandele isivinini esikalelwe kulowo mgwaqo futhi uhloniphe yonke imithetho ukuze uzogcina wena nabanye bephephile.
Ubungozi bokushayela uphuzile:
Ukushayela uphuzile kuyinto enomthelela ezingozini okufa kuzo abantu eNingizimu Afrika. NgokweRoad Traffic Management Corporation (RTMC), izingozi ezibandakanya utshwala zenza u-27.1% wazo zonke okufa kuzo abantu. INational Road Traffic Act (NRTA) ibeka ukushayela uphuzile njengecala elihambisana nesijeziso esinzima esifana nenhlawulo, ukumiswa kwelayisensi noma ukuboshwa. Ukuphepha nokugwema izinyathelo zomthetho, hlela ukuthi kube khona oshayelayo noma usebenzise enye indlela yokuhamba uma uzimisele ngokuphuza.
Izincwadi ezibalulekile nabantu ongabafonela:
Ngale kokulunga kwemoto, ukuba namaphepha afanele kubalulekile. Qinisekisa ukuthi ilayisensi yakho, i-disc yemoto kusemthethweni. Ngaphezu kwalokho yiba nezinombolo zezimo eziphuthumayo obala njengezamaphoyisa, i-ambulensi, umshwalense nelungu lomndeni.
Izinto ozidingayo uma uzowela umngcele:
Uma uhambo lwambo lukukhipha ngaphansi kwemingcele yaseNingizimu Afrika, qaphela amaphepha afunekayo.
- Amakhophi aqinisekisiwe elayisensi yemoto yakho
- Incwadi ebizwa nge-border letter oyithola ebhange imoto oyithenge ngesikweletu salo.
- Amanye amaphepha afunekayo uma umshayeli engeyena umnikazi wemoto ahlanganisa incwadi efungelwe yasemaphoyiseni nencwadi egunyaza umshayeli evela kumnikazi wemoto.
- Uma kuyimoto eqashiwe yiba namaphepha akuvumelayo ukuthi uwele umngcele.
Qinisekisa ukuthi umshwalense wakho ukukhave kuziphi izimo:
Qinisekisa nomshwalense wakho ukuthi uyakuvumela yini uphumele ngaphandle kwezwe. Uma kungenjalo hlela ukuthi wengeze kuwo ukuze ugweme ukuba senkingeni yemali uma itshontshwa noma uba sengozini ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.