I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) isigqugquzele abashayeli bakuleli ukuba babheke isimo sezulu ngaphambi kokuthatha uhambo.
Njengoba abaningi sebebheke emakhaya kwazise izikole zizovulwa, iRTMC ithi kubalulekile ukubheka isimo sezulu salapho umshayeli ezohamba khona.
Ithe lokhu kubalulekile ngoba yikona okuzocacisa ukuthi umshayeli kufanele ahambe ngakuphi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uma lina imigwaqo eminingi eNingizimu Afrika iphenduka amadamu njengoba amanzi engahambi. Kulezi zinsuku imvula ina umlibe ezingxenyeni ezihlukene zezwe.
I-RTMC ithe abashayeli kufanele bayazi eminye imigwaqo esuke ivuliwe uma kuvalwe eminye, babheke nokuthi njengoba eminye ilungiswa yimiphi evuliwe.
Abasebenzisa uhlelo olulayela umshayelo indlela azohamba ngayo bacelwe ukuthi basheshe bazivule izinto ezibayalela uhambo.
Kuthiwe amaselula awahlale phansi uma kushayelwa ukuze umshayeli angaphazamiseki. I-RTMC ithe kubalulekile ukuphepha ngakho abantu mabafase amabhade.
Zonke izimoto kugqugquzelwe ukuba zihlolwe ukuze abashayeli bezoba nesiqiniseko sokuthi zisesimweni esifanele.
Kugqugquzelwe abashayeli ukuba balalele izindaba noma labo abahamba nabo bangene emakhasini ezindaba ukuze bazi konke okwenzeka emgwaqweni.
Kukhunjuzwe abashayeli ukuthi balandele imithetho yomgwaqo bangazizibi nezimpawu ezihlukene ezibekiwe, ukuze bafike bephila.