IMOTO: TOYOTA URBAN CRUISER
NGESIKHATHI kufika iToyota Urban Cruiser ngoMashi, akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi ibe yinyama kubathengi bakuleli.
Kubukeka sengathi abayingeni indaba yokuthi isuselwe kwiSuzuki Vitara Brezza, njengoba iToyota neSuzuki benobudlelwano bokusebenzisana. Uke uyibone iSuzuki Baleno neToyota Starlet?
Isigaba samaSUV amancane nokuyilapho i-Urban Cruiser itholakala khona, siyakhula ngoba bazithenga ubuthaphuthaphu izimoto zakhona. Ngaphandle kwe-Urban Cruiser neVitara Brezza, kukhona iKia Sonet, Hyundai Venue, Nissan Magnite nezinye.
Esihamba ngayo lapha yiXs engena phakathi kweyingane iXi, nephezulu iXr. InamaLED headlights namaLED daytime running light, amarimu angu-16 inch namaroof rail.
Iphakeme umgwaqo uwubona kahle uma ushayela. Abagibeli abahlanu bahlala kahle ngaphakathi kanti uyakwazi ukulalisa izihlalo ngemuva ukuze kwande isikhala sempahla. Kuyona ibhuthi iphinde ibe nesondo elikhulu eliyisipele.
Ngaphambili idashboard iwuplastiki ongakhalisi kangako. Kunetouchscreen infotainment system egqamile edlala umsakazo. Uyakwazi ukuxhuma iselula ngebluetooth noma nge-apple CarPlay/Android Auto, kuphinde kuvele nengemuva uma uhlehlisa imoto njengoba inekhamera.
Ine-aircon, amawindi kagesi nezibuko ezihlelwa ngogesi bese kuba nezindawo zokubeka iziphuzo. Ibuye ibe neWiFi futhi uyakwazi ukubona imininingwane yayo kwi-App oyifaka kwiselula.
Injini ingu-1.5 litre engenayo iturbo eyifour-cylinder. Inamandla angu-77kW netorque engu-138Nm. Inegearbox ewu-5 speed manual. Umsindo uwuzwa unjengoba unjalo ngaphakathi nokwenza ufise sengathi ibinelinye igiya mhlawumbe, elizokwenza amarevvs abe phansi uma usuhamba emgwaqweni ovulekile.
Ngo-100km ibidla amalitha angu-7.4 ngesikhathi kubo kwayo bethi idla angu-6.2 ngebanga elifanayo.
Kwezokuphepha ifika nama-airbag omshayeli nomgibeli, amabhreki e-ABS ne-EBD. Iyenelisa imali oyikhokhela i-Urban Cruiser.
Intengo:
Urban Cruiser 1.5 Xs MT – R 273 200
Ifika neservice plan yamasevisi amathathu noma u-45 000km, iwarranty yezinyanga ezingu-12 noma u-15 000.