IMOTO: FIAT 500
IZINTO zihamba kahle enkampanini yezimoto, iStellantis Group, kungena inkece i njengoba izimoto zayo zithengwa.
IStellantis yinkampani entsha ezalwe kulo nyaka ngemuva kokuhlanganiswa kweFiat Chrysler nePSA. Ngaphansi kwayo kukhona izinkampani okubalwa kuzo iPeugeot, Citroën, Fiat, Jeep, Maserati, Opel nezinye.
Ukundlondlobala kwayo akwenzeki nje kuphela phesheya kwezilwandle kodwa nakuleli ngenxa yokuthi yethula nezimoto ezintsha. Zethuliwe koPeugeot nakoCitroën futhi manje sekuyithuba leFiat njengoba belethe iFiat 500 entsha nje.
IFiat 500 yimoto endala yakule nkampani njengoba kusuka ngo-2007 kudayiswe angaphezu kuka-3.5 million emhlabeni jikelele.
Seyenziwe ngcono ngokuthuthukisiwe yabe isihlukana ngezinhllobo ezine iCult, Connect, Dolcevita neSport.
Lo mncanyana ngowokuhamba ezindaweni ezisemadolobheni kakhulu kodwa nasemgwaqeni ovulekile onguthelawayeka uhamba impela ngaphandle kwenkinga.
Uyathuka uma uzwa ukuthi injini ingu-0.9 litre enama cylinder amabili kodwa okumnandi ukuthi ine-turbo. Inamandla angu-62.3kW ne-torque engu-145 Nm.
Isebenzisa u-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo kodwa uma uthanda ukhona ozishintshayo obizwa ngeMTA transmission. Yize uzishintsha kodwa ungathi ikhona iclutch ngoba uyayizwa ishintsha okwakho ukuliphakamisa mbijana unyawo emafutheni ukuze ishintshe kahle.
Kuphethroli bathi iphuza kancane amalitha amane ngo-100km.
Le njini iyona yodwa ekhona kulezi zinhlobo ezine engithe zikhona kwi-Fiat 500. Esigabeni sayo ingenye yezimoto eziphephe kakhulu njengoba inama-airbag ayisikhombisa, amabhreki e-ABS, i-Electronic Stability Control futhi uma usuka endaweni enyukelayo iyabamba ukuthi ingahlehli kuqala.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa izinto efika nazo zihlukene. ICult nje inamasondo anamakhava angu-14 inch, amaLED daytime running lights, umsakazo, imbobo ye-USB ne-aircon.
IConnect yona iphethe amarimu angu-15 inch, amafog lights, ispoiler ngemuva, ukhakhayi oluhluke umbala kunomzimba, isiteringi esinamabhathini ne-screen se-infotainment system okwazi ukuveza kuso iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Andorid Auto.
KwiDolcevita ufica amarimu angu-16 inch, isiteringi sesikhumba, ukhakhayi oluyingilazi futhi izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala kwande isikhala sempahla.
Uma kuyiwa kwiSport nakhona kunamarimu angu-16 inch, ubhampa nespoiler kuhlukile futhi ngaphakathi kune-digital cluster.
Intengo:
Cult 0.9L - R 219 900
Connect 0.9L - R 260 900
Sport - 0.9L - R 269 900
Dolcevita 0.9L - R 274 900
Sport Cabriolet 0.9L - R 319 900
Dolcevita Cabriolet 0.9L - R 324 900