IMOTO: VW GOLF 8 R
Kuhlangana amasonto amabili selokhu kuqalile ukudayiswa kweVW Golf 8 R entsha emagaraji aseNingizimu Afrika ngemuva kwesikhathi ilindiwe.
IGolf 8 iqale ukuvela ngo-2019. Kuleli ayilethwanga nhlobo kunalokho kufike iGolf 8 GTI njengoba isilanywa yiGolf 8 R nje.
Njengoba ngihamba ngayo, emsakazweni kudlala ingoma kaSelaelo Selota ethi, Thrr...Phaaa! Ingikhumbuza ukuduma kweGolf R ezakhele udumo ngebhesi yayo kwaze kwadayisa angaphezu kuka-6 000 kuleli kusuka ngo-2017.
Uma ihamba iduma bese iyaqhuma uma ishintsha igiya izwakale ithi “Vrrr Pha!” nokuyinto ecishe iyele kulokhu okushiwo nguSelota.
Lowo msindo usekhona nakulena entsha kodwa hhayi kangako ngoba kwaziwa ukuthi imithetho yase-Europe, iyaqeda ngemisindo. Uma ufuna ukuwandisa ungafaka i- Akrapovič Exhaust enciphisa nesisindo semoto ezokudla uR73 000.
USelota unamandla futhi unomfutho uma esesiteji nokuyinto oyifica kwiGolf 8 R. Bheka ngoba injini yeR engu-2.0 isinyusiwe amandla asengu-235kW. IGolf 7.5 R ibifuqa angu-228kW. Itorque ingu-400Nm futhi amandla angena kuwo wonke amasondo njengoba ine-4Motion. Ugearbox kuseyiwo oyi-7 speed DSG osebenza kahle nenjini.
Amandla nokudonsa kwayo ngawo wonke amasondo kwenza isukise okonyazi ngoba ngemizuzwana engu-4.8 bathi isuke isibambe u-100km/h. Yinto okulula ukuyikholwa ngoba ijubane ilinyusa kalula futhi ligcina ku-250km/h. Uma ufaka iblack performance package ligcina ku-270km/h.
Ukhumbule ukuthi kungenzeka kube yiGolf enenjini kaphethroli njengoba kungena izimoto ezihamba ngogesi nje, ngakho izophenduka igugu.
IGolf 8 R iyagijima yebo kodwa ngizwe behlile ubumnandi bokuyishayela obenza uzithole uhleka wedwa. IGolf 7.5 R ubuyizwa ukuthi yenzani uma isemgwaqweni.
Ngisho uciphiza ibhathini likaR eliyifaka kuRace njengoba ine-adaptive chassis control ehlanganisa ukushintsha izinga lokushayela. Ivele iwakhafule wonke amandla nesiteringi sithi ukuqina mbijana.
Ngingayichaza njengemoto egijimayo futhi ebambelelayo. Indlela ehamba ngayo emgwaqweni ayisona isigqiki kodwa iyazama ukuthi amabhampu ungawezweli ngaphakathi.
Nangakuphethroli ayikhalisi njengoba abakwaVW bethi idla amalitha angu-7.8/100km. Kimi ibidla angu-10.7 ngo-100km ngingazami ukonga.
Okunye wukuthi ngiyibambe ngemuva kwesikhathi ukuthi uma isuka ingena kuSport bese uyishintsha wena usuyifaka kuComfort.
Mhlawumbe kuhle futhi kuyadingeka ukuthi ibe yimoto ephelele ngalolu hlobo. Uma ngithi iphelele ngisho ukuthi yinhle futhi idonsa amehlo njengoba kulindelekile. AbakwaVW bayakwazi ukuthatha imoto enhle bangayoni kepha bayenze ngcono. IGolf 7.5 R isabukeka kodwa nale entsha yinhle kakhulu.
Inamalambu amangamaLED, amarimu angu-19 inch, yizibuko ezisiliva, yizinqawe ezine ngemuva kanjalo nesunroof okhakhayini.
Ngaphakathi uma uke wangena kwiGolf 8 GTI uzokwazi ukuthi izinto zikuphi. Ziyefana bese zihluka lapha nalapha. Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili ziyafudumala bese kuthi esomshayeli sihlelwa ngogesi.
Ine-Discover Pro infotainment system enenkombandlela. Izipikha ngezeHarman Kardon kodwa kunzima ukusetha ngoba akubhaliwe ukuthi treble, mid nobass njengakwiTiguan.
Sekukhulunywe kakhulu ngamabhathini asesiteringini avele athinteke usathi uyajika kangangokuba kwaVW bathembisa ukuwashintsha uma sezithuthukiswa izimoto.
Inezindawo zokushaja nge-USB Type-C nangaphandle kwentambo kanjalo nezinye zokushaja ngemuva. Okunye okuyenza ibe yiimoto ephelele wukuthi ngaphakathi ilayisha abagibeli abayisihlanu futhi nebhuthi inesikhala njengoba lingekho nesondo eliyisipele.
IGolf 8 R incintisana ne-Audi S3, Mercedes-AMG A35, neHonda Civic Type R esanda kwethulwa.
Intengo:
Golf R 2.0 TSI 235kW DSG® R912 800
Ifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, iwarranty yeminyaka emithathy noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.