UMA uzokhumbula ngo-Ephreli, kuyona le ngosi, sakubikela nge-Audi Q7 ethuthukisiwe etholakala emagalaji akwa-Audi eNingizimu Afrika.
Ngesikhathi ifika ngonyaka odlule baveza ukuthi izolandela iQ7 eSporty futhi enamandla athe xaxa iSQ7, okuyiyo esihlangene ngayo manje.Esihamba ngayo ishaya ngombala ogqame kahle oluhlaza okwesibhakabhaka. NjengeQ7 eyejwayelekile inegrille enkulu. Empeleni uma iqhamuka unganakile ngeke uzitshele ukuthi yiSQ7 kodwa uze ubone kahle ukuthi yehlukile uma ubheka ngemuva ngoba inezinqawe ezine, nokuyinto engenjalo kwiQ7. Bayengeze amarimu amakhulu angu-22 inch ayenza ibukeke kahle.
Emigwaqweni yasedolobheni nakuthelawayeka iwubukhosi bese kuthi kuleyo yasemalokishini nemincane enamabhampu, ayizweli kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi ine-adaptive air suspension sport system eyenza ukuthi iphakame noma yehle emzimbeni. Ukhetha ukuthi uhamba kuphi njengokushintsha uyifake ku-comfort, auto, dynamic, efficiency, allroad, offroad, noma ku-individual. KwiDynamic ishintsha nendlela yokuduma ibhavumelele phezulu uze ukhohlwe ukuthi ihamba njenjini kadizili.
Injini ingu-4.0 V8 TDI enamaturbo amabili ayenza ikhafule amandla angu-310kW netorque engu-900Nm (iQ7 ihamba ngo-3.0l TDI enamandla angu-183kW netorque engu-600Nm).
Yiyona njini kadizili enamandla kwa-Audi lena kwazise ikwazi ukuyithwala isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.8 kuthi ijubane elikhulu libe ngu-250km/h.
Ngo-100km ibidla amalitha kadizili angu-11.3 nokuyinto eyehlayo uma uhamba emgwaqweni ovulekile. Kwa-Audi bathi idla angu-8.7 ngebanga elifanayo. Amandla iwathumela kuwo wonke amasondo ngogearbox oyi-eight-speed tiptronic.
Esihamba ngayo bayenze ukuthi namasondo angemuva ajike kancane nokuyinto esiza kakhulu uma upaka ngoba ijika eduze. Iphinde ibe namasensor namakhamera aveza umzimba wonke. Ebusuku amambu angamaMatrix LED enza kukhanye bha futhi uma uhamba kuqhamuka enye imoto ayadima ngakuyo.
Ngaphakathi inamascreen amabili amakhulu ngaphambili esiphezulu se-infotainment system esiveza inkombandlela. Ukwazi nokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo futhi uyishaje intambo ingekho. Esingezansi esokulawula i-aircon futhi ushisise nezihlalo zangaphambili zesikhumba. Instrument cluster uyayihlela ibukeke kanjani futhi ibuye ibe neHead-Up display.
Okhakhayini kunesunroof enkulu eyenza ibukeke kahle. Indlela ekhanya ngayo ngaphakathi uyishintsha wena imibala futhi inkulu njengoba ilayisha abagibeli abayisikhombisa.
Obunye ubuchwepheshe enabo obeCar2X eyenza ukuthi ukwazi ukufonela abakwa-Audi, ucele usizo uma unenkinga ngebhathini eliphezulu ngaphambili. Uphinde ukwazi ukufaka i-app kwiselula eyenza ukwazi ukuyikhiya nokuyivula, ukubona udizili osele nokunye.
Ibukeka kahle iSQ7 futhi inamandla angayenza ukhohlwe ukuthi udonsa inqola uma uyifakile. Ngokwami, neQ7 ejwayelekile yenele ngoba yinhle, ivulekile nayo inamandla futhi idla kangcono kudizili.
Intengo:
R1 679 500
ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.