UKHULE ebukela uyise enza amabheshu uMnuz Nkazimulo Ngidi (37) onenkampani ekhiqiza amabheshu esimanje ebizwa ngokuthi Amabheshu Innovators.
UNgidi waKwaSonkombe eNdwendwe, uvamise ukukhangisa Amabheshu akhe nemvunulo yesintu kwiDurban Business Fair.
Utshele Isolezwe ukuthi ukhule ebuka uyise enza amabheshu futhi uyise ubesebenzela eDalton, eThekwini.
“Ubaba nguyena owathi angingene kulo mkhakha ngoba bengithanda ukwenza imvunulo yesintu. Ngifike nokuhlukile ngoba ibheshu engilakhayo liyawasheka, alidingi ukuphalwa ngesandla noma uke wanethwa.
"Ngivule inkampani yami Amabheshu Innovators ngo-2013. Kuhamba kahle futhi ayathengwa amabheshu ethu nemvunulo yabesifazane,” kusho uNgidi.
Uthe amabheshu akhe enziwa ngomshini, okwenza ahluke kulawa ajwayelekile wukuthi isikhumba sishukwe kahle futhi asishwabani noma singanethwa lihlale libukeka kahle ibheshu.
Imvunulo yabesifazane uthe yenziwa ngabesifazane asebenzisana nabo baseNdwedwe, wathi kufanele aqinisekise ukuthi udala amathuba omsebenzi kwabanye.
Ngonyaka odlule uNgidi uwine umklomelo webhizinisi elincane elenza kahle embukisweni, iDurban Business Fair.
Kulo nyaka uthe iCovid-19 imphazamisile emsebenzini wakhe, waze waphoqeleka ukuthi amise abasebenzi kuze kube isimo sibuyela kwesijwayelekile.
Uveze ukuthi usebenzisana nophiko olweseka amabhizinisi kuMasipala weTheku neProject Preparation Trust (PPT) KZN okuyinhlangano esiza osomabhizinisi abancane ukuthi bakhule, badale nemisebenzi. Uthi iPPT imsiza ngokukhangisa ibhizinisi nokumenzela i-website.
Uthe abafisa ukwazi ngemikhiqizo bangabheka ikhasi lakhe leFacebook elithi Amabheshu Innovators -Pty Ltd.
UMnuz Mphathi Ndlela obhekelele ezokukhangisa e-Amabheshu Innovators uthe kubalulekile ukukhangisa ngoba abantu babezitshela ukuthi amabheshu nemvunulo yinto yabantu abadala kodwa manje abantu abasha yibona abathenga kakhulu.