UKUQALA komdlalo uShaka iLembe ngempelasonto kuvuselele imizwa kwabaningi ngobuhle babesifazane nangezinto ezenza owesifazane ahehe futhi athandeke.
Ukuvela kosaziwayo bebhushuzela beshaya ngamabele kujabulise abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana. Iningi lababuke umdlalo uShaka iLembe ligqanyelwe kakhulu ngamabele kaNomzamo Mbatha ongesinye seziphalaphala zezintokazi ezilingisa kulo mdlalo.
Lokhu akwenziwa nje ngabesilisa kuphela kodwa ngisho nabesifazane balokhu bencome njalo.
"Angilalanga ngicabanga leli bele," kusho uNdoninhle enameka isithombe esihle sikaNomzamo.
"Wona mahle bandla," kuncoma noJessica.
"Ungowesifazane omuhle kakhulu," kufakaza uDonald ngoNomzamo.
Udadewabo kaNomzamo, uWendy Mbatha ongusomabhizinisi nomnikazi wemikhiqizo yokugcoba i-NCC naye ungomunye wabantu besifazane abahlala bebatshazwa ukuma nokuba namabele amahle ezinkundleni zokuxhumana.
Kuba naleli sasasa-nje nangesonto eledlule kwenzeke okufanayo kusabalala izithombe zomethuli wezinhlelo zethelevishini ophinde abe ngumlingisi, uPearl Thusi.
Le ntokazi inameke izithombe ikomunye wemicimbi iziphihle ngomsiko okhanya ngale kuvele wonke amabele. Kwachwaza izinkundla zokuxhumana abantu bebaza ubuhle bamabele.
Akuphelanga nezinsuku ezingaki kwavumbuka izithombe zomlingisi nosomabhizinisi, u-Enhle Mbali Mlotshwa nezithombe ezithi azifane, amabele eyizimponjwana ngaphansi kwehembe elikhanyayo.
Labo osaziwayo akubona nje kuphela okukhalwa ngobuhle bamabele abo kodwa bakhona nabanye okubalwa kubo umculi ongumlingisi uNtando Duma, umcili u-Anele Zondo nabanye abaningi.