DISTANCE GUMEDE
ABESILISA baveza ukuthi kumnandi ukuya ocansini nabesifazane asebethe ukukhula kunabo ngeminyaka.
Lolu cwaningo lwenziwe wuMaGumede ngokubuza abesilisa abehlukene, abamtshele ukuthi bayazifela ngabesifazane asebethe ukukhula kunabo.
Abantu besilisa bakubeke kwacaca ukuthi ukuya ocansini nabesifazane asebethe ukukhula kuyabajabulisa, futhi abanaso isicefe ngenxa yothando abanikana lona nempatho abanayo, kanti nodaba lwabo bayalwazi embhedeni.
Iningi labesilisa abancane baveze ukuthi bona bazithandela osisi asebekhulile ngoba embhedeni bayababusisa futhi abanawo umsindo. Omunye uveze ukuthi akukho mayelana nemali kodwa uthando nempatho kanye nobumnandi besitho sangasese okwenza banamathele kwasebekhulile kunabo. Kukhona oveze ukuthi yena waqala ukujola nosisi abadala kunaye sakudlala kodwa manje akusavumi ajole nontanga yakhe. Uthe akasabezwa nhlobo futhi uthi uyabona ukuthi ubambo lwakhe luzovela kosisi abadala.
“Yize benesikhwele kodwa banothando nempatho futhi bamnandi abayekeki,“ kuchaza lo wesilisa othe usekhuzwe kaningi kubo ngokujola nosisi abadala kodwa akuphumeki kubona.
“MaGumede ngineminyaka engu-28, usisi engithandana naye uneminyaka ewu-38. Akayekeki nhlobo ngisho sengikhuzwa ekhaya, ngiyehlula angizwa mshini. Ngiyamthanda loya sisi futhi angiziboni ngihlukana naye," usho kanje.
Uthe uke wabazama ontanga yakhe kodwa imfudumalo ayikho kubo futhi abanaso isikhathi bahlezi bematasa kanti nasembhedeni bayancikisela.
Omunye uthe yena le nto wayiqala ngoba ethi uzifunela imali kodwa wagcina ebambeka ngenxa yothando afike aluthola. Uveze nokuthi manje sekunguyena odiza ngemali kuzigogwana futhi akafune mali uzifunela uthando nempatho kuphela.
Ongoti bezothando bathi impela abesifazane asebekhulile banempatho futhi into enhle ngabo ukuthi basuke bengasabheke mshado. Bayazisebenzela, banezinto zabo, bazifunela ukuneswa embhedeni nje kuphela.
Bathi uma ukwazile ukuthembeka nokuba neqiniso kubona, uphila kamnandi futhi uzizwa ungumnumzane ophelele. Yize bekhona abanesikhwele kodwa isikhwele sabo sisuke sihamba nothando lweqiniso.
ELawini LikaMaGumede, asisho-ke ukuthi shelani ogogo ngoba nithi nifuna impatho, uthando nobumnandi bocansi. Futhi asisho ukuthi sukelani odade abashadile. Le nto yokuthandana nomuntu omdala kunawe awuyiphoqi kodwa izenzekela yona futhi igcina isifana nokhondolo ngoba iyakulandela.
Landela ikhasi lethu kuFacebook #ELawini LikaMaGumede#