NGOSUKU lomshado yize amehlo esuke ethe njo kumakoti nomkhwenyana kodwa kunezinto eziningi eziseceleni ezenza umshado ube sezingeni elicokeme.
Ikhekhe lomshado ngenye yezinto ezibalulekile nezenza itafula lihehe ngosuku olukhulu, kucace nokuthi impela kusemshadweni.
Ukuwa nokubhidlika kwekhekhe nemibala engahehi kungalona usuku lwabantu abashadayo. Lokhu sekwenze ongoti bezokubhaka bashaya ngolunye unyawo.
IDesbaked ngenye yezindawo ezihamba phambili eThekwini naKwaZulu-Natal ngamakhekhe omshado esimanje aheha ukude. Ungoti wezokubhaka nokupheka uNksz Des Ngema owaziwa ngelikaChef Des uthi imihlobiso yesimanje kumele ifane nse nobumnandi obungaphakathi ekhekheni.
Yize amakhekhe esimanje engabi nemihlobiso ehambisana nemibala ethandwa abashadayo kodwa uNksz Ngema uveza ukuthi awafani njengoba kwakwenzeka kuqala.
"I-fruit cake beyithandwa kakhulu kudala kodwa manje sekwenziwa lawa asuke ezodliwa ngoba awasabekwa isikhathi eside. Leli lakudala belingathatha ngisho izinyanga eziyisithupha lenziwa, lijovwa nge-brandy. Manje seyenziwa ngendlela elula kodwa ehambisana nesikhathi samanje bese lisheshe liyadliwa. Ikhekhe lomshado alikho elingeke laba lihle noma lahlobiseka uma lenziwe kunesikhathi, ngezithako ezanele futhi laphekwa ngendlela," kusho uNksz Ngema.
UNksz Ngema uveze ukuthi uyakwazi ukuxuba amakhekhe asebhakwa manje abe yizinhlobo ezimbili nangaphezulu ekhekheni elilodwa.
Amakhekhe esimanje agabe ngezithako eziningi ezimba eqolo nokwenza inani lawo lehluke kwawaphambilini. UNksz Ngema uthi ikhekhe lomshado lehluka ngezithako, imihlobiso kanjalo nobukhulu. Lokhu kwenza amakhekhe amaningi omshado aqale ukubiza kusukela ku-R5000 kuya ku-R150 000 nangaphezulu.
Ucebise ngokuthi ikhekhe lomshado ungakwazi ukulihlelela kusekude njengazo zonke izinto ezizoba nezindleko emshadweni. Lokhu uthe kulekelela ekutheni usheshe ulithole uhlobo lwekhekhe oluthandayo futhi ukwazi nokuyolidla uzwe isandla somuntu ozokubhakela.
Imihlobiso yamakhekhe ehamba phambili manje
Yilena ezishaya sandwangu, eminye ibukeka iwubuhlalu neyenziwa ngezinto ezidliwayo.
Ama-pearls awasali ngaphandle uma kukhulunywa ngemihlobiso yekhekhe lomshado, sekungaya ngobukhulu bawo nangemibala oyithandayo.
Oqhakaza abenziwa ngezithako ezidliwayo nokwenza kungabi nabungozi nabo benza abukeke kahle amakhekhe.
Izimbali zangempela nezingamathoyizi nazo ziwahlobisa kahle amakhekhe omshado.
Ama-ribbon enziwe nge-fondant nokunye okudliwayo nakho ungakusebenzisa ukuhlobisa ikhekhe lakho lomshado.
Kukhona nohlobo olungenayo i-icing, olugaba ngezithelo nezimbali olubizwa nge-naked wedding cake. Nalo ludlisa kakhulu.