Mhleli: Okubhekene noMengameli Cyril Ramaphosa sengathi sekuvele kwamenekela izwe lonke ukuthi ukuhlakanipha nobuchule ekuxazululeni izinto kudinga ofike emhlabeni efumbathiswe nguMvelinqangi .
Lobu wubufakazi bokuthi ukufunda ugogode akusho ukuthi uhlakaniphile. Sekuvele kwamenekela izwe lonke owakoMatamela ukuthi ziyamcishela izibani zokuhola izwe.
Uwumholi odamane eshumayela ezithembiso eziphelela emoyeni okwamazolo ebona ilanga. Kudamane kugqama izigemegeme phezu kwezigemegeme .
Wasithembisa wathi asithume yena ngesiqubulo sakhe esaduma ‘Thumamina’ enkulumeni yesizwe yokuqala engene ezintanjeni. Okumangazayo wukuthi kuze kube namhlanje akakafiki lapho esamthuma khona kodwa kuphela uhlale enza izethembiso phezu kwezinye, umnyakazo dololo .
Esikubonayo yizigemegeme ongekholwe ukuthi umengameli wezwe angenza into ngisho izalukazi namakhehla ezingasayenzi, ukugcina izigidi zamaDola namaRandi ngaphansi komatilansi, zigcine zebiwe?
Ubani owayengalindela ukuthi izigidigidi ezingamakhulu amahlanu ezahlinzeka ukubheduka kweCovid-19 zakhishwa kungacoshelelwe ukusebenza kwazo kwazise iKhomishini yokuLawulwa koMbuso yiDlanzana eyayiholwa yiNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, okwagcina kuvela ababezixebulela umkhoma kuyo abanye ongqongqoshe bagcina beshenxile.
Zolo lokhu enkulumeni yakhe ebizwa nge-SONA wengeze ungqongqoshe oqondene namandla okunqamuka kukagesi, wasethembisa ukuthi uza nekhambi lale nsumansumane kodwa esikhundleni salokho, kubheda kakhulu kunakuqala.
Akugcinanga lapho nakhu sebehlokoloza imamba isemgodini ngezinsolo zokuhlinzeka izwe laseRussia ngezikhali, maqede iRandi ezimakethe langenwa umkhuhlane. Khona empeleni wawuzokwenzani umkhumbi wezempi wezwe likaPutin ekubeni izwe lakhe selishaye laqothula e-Ukraine?
Akuze kungathi ngoba kusha komunye umuzi wena bese uthatha isihlonti usiphonse ekhaya uthungele umuzi wakho. OwakwaMatamela ucabanga ukuthi lizobukwa ngeso elinjani izwe lethu?
Zolo lokhu kade bekhuluma beziphikisa nonobhala jikelele wenhlangano yakhe, uMnuz Fikile Mbalula, bethi izwe lethu liyahoxa ekubeni yingxenye yeNkantolo yezaMazwe omhlaba wonke, gwiqiqi bashintsha umshovo epakini bacula elinye iculo.
Kuzona zonke lezi zigemegeme nengingazange ngizibale, ungamthemba kanjani umalal’ephenduka? Kwakhona kumanje usixoxela inganekwane emini yokuthi ngenyanga kaZibandlela indaba yokunqanyulwa kwamandla kagesi izobe isifana nephupho. Kumele simethembe kanjani? Kwakhona kumanje basaphikisa izinqumo zezinkantolo ngezindawo okuthiwa akumele zichashazelwe ucimicimi.
Ukuba bekuwumdlalo wesibhakela owakwaMatamela ubesefanele ukuphonselwa ithawula kwazise usehluleke wancama. Woza 2024 kulapho esiyobona khona ukuthi abavoti bacabanga kanjani ngesimo sezwe lethu .
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE